Skip to Content

"ababi"

99 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:10

nibeke amadoda amabili , abantu ababi , phambi kwakhe , afakaze ngaye ngokuthi: U thukile uNkulunkulu nenkosi , bese nimkh iphela ngaphandle , nimkhande ngamatshe, afe.

1 AmaKhosi 21:13

Lawo madoda amabili , abantu ababi , angena, ahlala phambi kwakhe ; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi. Base bemkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe , wafa.

1 iziKronike 17:9

Ngiyakumisela abantu bami u -Israyeli indawo , ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo , bangabe besanyakaziswa ; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,

1 uSamuweli 10:27

Kepha abantu ababi bathi : Uyakusisindisa kanjani lowo na ? Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.

1 uSamuweli 2:12

Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova.

1 uSamuweli 2:9

Uyakugcina izinyaw o zabathembekileyo bakhe , kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni , ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.

2 iziKronike 13:7

Kwabuthana kuye amayiyane , abantu ababi , aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni , uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.

2 iziKronike 19:2

UJehu, indodana kaHanani umboni , waphuma ukumhlangabeza , wathi enkosini uJehoshafati: Usiza yini ababi , uthanda abamzondayo uJehova na ? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.

2 kuThimothewu 3:13

Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini , bedukisa, bedukiswa.

2 uSamuweli 3:34

Izandla zakho zazingaboshiwe , nezinyawo zakho zazingafakwanga emaketangeni; wawa njengomuntu owayo phambi kwabantu ababi . Bonke abantu baphinda bemkhalela.

2 uSamuweli 4:11

kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe , angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu , nginisuse emhlabeni, na?

2 uSamuweli 7:10

Ngiyakumisela abantu bami u -Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo , bangabe besanyakaziswa ; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,

AbAhluleli 19:22

Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango ; basho kum ninindlu, ixhegu, bathi: Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.

AbAhluleli 20:13

Ngalokho khiphani labo bantu , abantu ababi , abaseGibeya, ukuba sibabulale, sixoshe ububi kwa -Israyeli. Kepha uBenjamini kavumanga ukulalela izwi labafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.

AmaHubo 101:8

Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba , ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.

AmaHubo 104:35

Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!

AmaHubo 106:18

Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi.

AmaHubo 119:110

Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho.

AmaHubo 119:119

Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathand a ubufakazi bakho.

AmaHubo 119:95

Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.

AmaHubo 11:2

Ngokuba bhekani , ababi bawunsala umnsalo wabo , babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

AmaHubo 139:19

Sengathi ungabulala ababi , Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.

AmaHubo 141:10

Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.

AmaHubo 145:20

UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo , kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.

AmaHubo 147:6

UJehova uyaphakamisa abathobekileyo ; ababi uyabawisa phansi emhlabathini.

AmaHubo 17:9

kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.

AmaHubo 1:4

Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

AmaHubo 1:5

Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni , nezoni ebandleni labalungileyo.

AmaHubo 31:17

Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ng iyakubiza; mabajabhiswe ababi , bathuliswe endaweni yabafileyo.

AmaHubo 37:14

Ababi bahosha inkemba , bansale umnsalo wab o ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.

AmaHubo 37:20

Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.

AmaHubo 37:34

Lindela uJehova , ulonde indlela yakhe ; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.

AmaHubo 37:9

Ngokuba ababi bazakuchithwa , kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.

AmaHubo 3:7

Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.

AmaHubo 58:3

Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

AmaHubo 68:2

Bamukiswa njengokumukiswa k omusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.

AmaHubo 73:12

Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo.

AmaHubo 75:8

Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso ; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.

AmaHubo 84:10

Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.

AmaHubo 92:7

Noma ababi behluma njengotshani , nezigangi noma ziqhakaza zonke , kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.

AmaHubo 94:3

Jehova, koze kube nini ababi, koze kube nini ababi bethaba na?

AmaHubo 9:17

Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo , bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.

AmaHubo 9:5

Ujezisile abezizwe , wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kub e phakade naphakade.

IsAmbulo 2:2

Ngiyayazi imisebenzi yakho , nemizamo yakho , nokubekezela kwakho , nokuthi kawunakubamela ababi ; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;

IzAga 10:28

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo , kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

IzAga 10:30

Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade , kepha ababi abayikuhlala ezweni.

IzAga 12:21

Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi , kepha ababi bayakugcwala ububi.

IzAga 12:6

Amazwi ababi aqamekela igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabophula.

IzAga 12:7

Ababi bayachithwa, bangabikho, kepha indlu yabalungileyo iyakuma.

IzAga 14:19

Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, namashinga ngasemasangweni abalungileyo.

IzAga 15:3

Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.

IzAga 20:26

Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi , iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.

IzAga 21:12

Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi; ababi bayachithelwa ebubini.

IzAga 24:1

Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.

IzAga 24:16

Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa , abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.

IzAga 28:1

Ababi bayabaleka , noma kungekho obaxoshayo , kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.

IzAga 28:28

Lapho ababi bevuka , umuntu uyaca sha, kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.

IzAga 28:4

Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo.

IzAga 28:5

Abantu ababi abaqondi ukwahlulela , kepha abafuna uJehova baqonda konke.

IzAga 2:22

Kepha ababi bayakunqunywa ezweni , nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.

IzEnzo 17:5

Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu , baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;

IzEnzo 19:12

baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe , bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.

IzEnzo 19:13

Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda , abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.

NgokukaLuka 11:26

Khona abesehamba , azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.

NgokukaLuka 7:21

Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi e zifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.

NgokukaLuka 8:2

nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni : uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena , okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,

NgokukaMathewu 12:45

Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye , bangene bahlale khona ; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Mark. 3:31; Luk. 8:19)

NgokukaMathewu 13:49

Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,

NgokukaMathewu 21:41

Bathi kuye: Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.

NgokukaMathewu 22:10

Lezo zinceku zaphuma , zaya ezindleleni , zabutha bonke ezabafumanayo , ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.

U-Eksodusi 23:1

Awuyikuthutha indaba yamanga , ungafaki isandla sakho kubo ababi , ube ngufakazi wamanga.

U-Isaya 11:4

Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga , anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba , awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe , abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.

U-Isaya 57:20

Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo , ngokuba alunakuphumula , namanzi alo akhipha udaka nobishi.

U-Isaya 5:23

abathetha ababi ngenxa yemivuzo, basuse ukulunga kwabalungileyo!

UDaniyeli 12:10

Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi , kodwa akayikuqonda noyedwa omubi ; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.

UJeremiya 12:14

Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi , abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.

UJeremiya 13:10

Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami , abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo , balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze , bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.

UJeremiya 23:19

Bheka, isivunguvungu sikaJehov a esinokufutheka siphumile ; isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi sehlele phezu kwamakhanda ababi.

UJeremiya 25:31

Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba , ngokuba uJehova uyamelana nezizwe ; uyahlulela inyama yonke , kepha ababi uy akubanikela enkembeni, usho uJehova.

UJeremiya 2:33

Ulungisa kahle kanjan i indlela yakho ukufuna uthando ! Ngalokho nabesifazane ababi ubafundisile izindlela zakho.

UJeremiya 30:23

Bheka, isivunguvungu sikaJehova ! Ukufutheka kwakhe kuphumile , isivunguvungu esichithayo; siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.

UJeremiya 5:26

Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi , baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu.

UJeremiya 6:29

Izifutho ziyafutha , kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela ; impela bancibilikisela ize nje, ngokuba ababi abakhishwa.

UJobe 10:3

Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele , ulahle umsebenzi wezandla zakho , ukhanye phezu kwamasu ababi, na?

UJobe 11:11

Ngokuba uyabazi abantu ababi; lapho ebona ukona, akayikukunaka na?

UJobe 11:20

Kepha amehlo ababi ayakufiphala ; abayikuba nandawo yokuphephela ; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.

UJobe 16:2

Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.

UJobe 21:7

Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?

UJobe 22:18

Kepha nguye owayegcwalisa izindlu zabo ngokuhle . Amasu ababi akude nami.

UJobe 34:36

Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni, ngokuba uphendula njengabantu ababi.

UJobe 34:8

ohamba ngokwazana nabenza okubi, ahambisane nabantu ababi, na?

UJobe 38:13

ukuba ubambe amagumbi omhlaba, ababi bathintithwe kuwo, na?

UJobe 38:15

Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo, nengalo ephakemeyo yaphuliwe.

UJobe 40:12

Bheka bonke abaziphakamisayo , ubehlise phansi , unyathele ababi ezindaweni zabo.

UMalaki 4:3

Niyakunyathela phansi ababi , ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo, usho uJehova Sebawoti.

UNumeri 16:26

Wayesekhuluma kuyo inhlangano , wathi: Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.

UZefaniya 1:3

Ngiyakuqothula abantu nezilwane, ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle, ngikhubekise ababi, nginqume abantu ebusweni bomhlaba, usho uJehova.

UmShumayeli 8:10

Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.

UmShumayeli 8:14

Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi , nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: Nalokho kuyize.