Skip to Content

"abafarisi"

32 occurrences in ZUL

IzEnzo 23:8

Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bavuma kokubili.

NgokukaJohane 12:19

Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: Niyabona ukuthi anisizi lutho ; bheka, izwe lonke liyamlandela. UJesu ukhuluma ngokufa kwakhe

NgokukaJohane 4:1

Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane,

NgokukaJohane 7:32

AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.

NgokukaJohane 7:47

Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: Kanti nani nidukisiwe na?

NgokukaJohane 8:13

Khona bathi kuye abaFarisi : Uyazifakazela wena ; ubufakazi bakho ubuqinisile.

NgokukaLuka 11:36

Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso. UJesu usola abaFarisi nezazimthetho (Math. 23:23)

NgokukaLuka 13:31

Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile , bathi kuye: Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.

NgokukaLuka 15:2

AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi : Lo muntu wamukela izoni , adle nazo.

NgokukaLuka 16:14

AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.

NgokukaLuka 5:17

Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa , kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.

NgokukaLuka 5:30

AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?

NgokukaLuka 7:30

Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.

NgokukaMarku 10:2

Kwase kusondela kuye abaFarisi , bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.

NgokukaMarku 2:24

Base bethi kuye abaFarisi : Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?

NgokukaMarku 3:6

AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani.

NgokukaMarku 7:1

Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema.

NgokukaMarku 7:3

ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala;

NgokukaMarku 7:5

abaFarisi nababhali bambuza bathi : Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?

NgokukaMarku 8:11

Khona kwafika abaFarisi , baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

NgokukaMathewu 12:14

Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.

NgokukaMathewu 12:2

Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye : Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.

NgokukaMathewu 12:24

Kepha abaFarisi bekuzwa bathi : Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.

NgokukaMathewu 15:1

Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi:

NgokukaMathewu 15:12

Khona kwasondela abafundi bakhe , bathi kuye : Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?

NgokukaMathewu 16:1

AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.

NgokukaMathewu 19:3

Kwase kusondela kuye abaFarisi , bamlinga bathi : Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?

NgokukaMathewu 22:15

Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.

NgokukaMathewu 22:34

AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi , babuthana ndawonye.

NgokukaMathewu 22:41

Besabuthene abaFarisi, uJesu wababuza,

NgokukaMathewu 9:11

AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe : Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?

NgokukaMathewu 9:34

Kepha abaFarisi bathi: Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.