Skip to Content

"abagogobeleyo"

5 occurrences in ZUL

ULevitikusi 17:10

Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.

ULevitikusi 17:13

Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.

ULevitikusi 17:8

Wothi kubo : Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,

ULevitikusi 20:2

Futhi uyakusho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa -Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.

ULevitikusi 25:45

Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini , kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu.