Skip to Content

"abahlabeleli"

15 occurrences in ZUL

1 iziKronike 15:16

UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha , izingubhu, namahabhu, namasimbali, bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.

1 iziKronike 9:33

Kepha abanye , abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi , babe semakamelweni bekhululekile kokunye , ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.

2 iziKronike 23:13

wabuka; bheka, inkosi yayimi ngasensikeni yayo ekungeneni , izikhulu nabamacilongo bengasenkosini ; bonke abantu bezwe bathokoza , bakhalisa amacilongo; abahlabeleli babetha izinto zokubethwa , bahola ukuhlabelela kwendumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe , wathi: Ngugobe! Ngugobe!

2 iziKronike 29:28

Lonke ibandla lakhuleka , abahlabeleli bahlabelela, abamacilongo babetha; konke kwaqhubeka waze waphela umnikelo wokushiswa.

2 iziKronike 35:15

Abahlabeleli, amadodana ka -Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide , no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.

2 iziKronike 35:25

Naye uJeremiya wamlilela uJosiya ; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla ; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.

2 iziKronike 5:12

kusemi ngasempumalanga kwe -altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo , bephethe amasimbali , nezingubhu, namahabhu, kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namash umi amabili bekhalisa amacilongo

AmaHubo 68:25

Ngaphambili kuhamba abahlabeleli , ngasemuva abashaya ugubhu , ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.

U-Ezra 2:41

Abahlabeleli: abantwana bakwa Asafa: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

UHezekeli 40:44

Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi , eliseceleni kwesango lasenyakatho , libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango lasempumalanga , libheke ngasenyakatho.

UNehemiya 11:22

Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu -Uzi kaBani , kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka -Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.

UNehemiya 12:42

noMahaseya, noShemaya, no-Eleyazare, no-Uzi, noJehohanani, noMalikhiya, no-Elamu, no-Ezeri. Abahlabeleli bahlabelela ngokuzwakalisayo, benoJizirahiya umbonisi wabo.

UNehemiya 12:47

Wonke u -Israyeli wayesenika emih leni kaZerubabele nasemihleni kaNehemiya abahlabeleli nabalindisango izabelo njengokufunekayo imihla ngemihla; bakungcwelisela amaLevi , namaLevi akungcwelisela amadodana ka-Aroni.

UNehemiya 7:44

Abahlabeleli: abantwana bakwa -Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili.

UmShumayeli 2:8

Ngazibuthela futhi isiliva negolide , nemfuyo yamakhosi , nezifunda; ngathola abahlabeleli , abesilisa nabesifazane , nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.