Skip to Content

"abaphostoli"

21 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 12:28

UNkulunkulu umisile abathile ebandleni , kuqala abaphostoli , okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa , nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.

1 kwabaseKorinte 9:5

Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na?

2 kwabaseKorinte 11:13

Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga , izisebenzi ezikhohlisayo , beziguqula abaphostoli bakaKristu.

IsAmbulo 21:14

Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili , naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.

IzEnzo 11:1

Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.

IzEnzo 14:14

Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu , baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza

IzEnzo 15:23

baloba ngesandla sabo ngokuthi : Abaphostoli namalunga , abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase -Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.

IzEnzo 15:6

Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba.

IzEnzo 1:2

kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo , esebayalile ngoMoya oN gcwele abaphostoli ayebakhethile;

IzEnzo 2:37

Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni , bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?

IzEnzo 4:33

Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.

IzEnzo 5:18

babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.

IzEnzo 5:40

Base bebabiza abaphostoli , babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.

IzEnzo 8:1

Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe . Ngalolo su ku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema ; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.

IzEnzo 8:14

Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;

NgokukaLuka 17:5

Abaphostoli base bethi eNkosini: Yandisa ukukholwa kwethu.

NgokukaLuka 24:10

KwakungoMariya Magdalena , noJowana, noMariya unina kaJakobe ; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.

NgokukaLuka 6:13

Kwathi sekusile , wababiza abafundi bakhe , wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli:

NgokukaLuka 9:10

Abaphostoli sebebuyile ba mlandisa konke abakwenzileyo ; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida.

NgokukaMarku 6:30

Abaphostoli babuthana kuJesu , bambikela ababekwenzile nababekufundisile.

NgokukaMathewu 10:2

Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa : owokuqala nguSimoni othiwa uPetru , no-Andreya umfowabo , noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo,