Skip to Content

"abaprofetha"

9 occurrences in ZUL

UHezekeli 13:16

abaprofethi bakwa -Israyeli abaprofetha ngeJerusalema , ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.

UJeremiya 14:15

Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami , ngingabathumanga, bathi: Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe , uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.

UJeremiya 14:16

Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba ; abayikuba namuntu wokubembela , bona nawomkabo, namadodana abo , namadodakazi abo ; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.

UJeremiya 23:16

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofe thi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo , kungengokuvela emlonyeni kaJehova.

UJeremiya 23:25

Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami , bethi: Ngiphuphile, ngiphuphile.

UJeremiya 23:26

Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga , bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,

UJeremiya 27:15

Ngokuba angibathumanga , usho uJehova ; baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.

UJeremiya 27:16

Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane. Ngokuba baprofetha amanga kini.

UJeremiya 29:21

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaya nangoSedekiya indodana kaMahaseya abaprofetha amanga kin i egameni lami , uthi: Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele; uyakubabulala phambi kwamehlo enu.