"abathile"
34 occurrences in ZUL
uHadadi wabaleka , yena nabakwa -Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane.
Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e -Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,
UNkulunkulu umisile abathile ebandleni , kuqala abaphostoli , okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa , nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.
Kepha abathile babakwa-Asheri nabakwaManase nabakwaZebuloni bazithoba, beza eJerusalema.
Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe ; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.
Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa y ilokhu kulahlwa , abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala , bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.
Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela.
Ngaleso sikhathi uHero de inkosi welula izandla ukuba ahluphe abathile bebandla.
Kwehla abathile eJudiya , bafundisa abazalwane ukuthi : Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.
Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo , bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.
Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi : Leli p hoshophosho lithini na ? Abanye bathi : Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo , ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.
Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu , baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;
kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi : Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha,
Kwathi u -Apholo eseKorinte , uPawulu wafika e -Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile,
Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli , bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.
Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu , bathi: Asifumani lutho olubi kulo muntu ; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?
abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho , bangimangalele, uma benotho ngami.
Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.
Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile , bathi kuye: Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.
Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;
Abathile bababhali baphendula bathi: Mfundisi, ukhulume kahle.
Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni;
Kepha abathile babaFarisi bathi : Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?
nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni : uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena , okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,
Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi:
Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi:
Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.
Bheka, abathile kubabhali bathi phakathi kwabo: Lo uyahlambalaza.
Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile , nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini emizini yabo , bonke abakwa -Israyeli emizini yabo.
Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho , bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,
Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini , nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele , nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.
Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.
EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini . Kubantwana bakwaJuda : ngu-Athaya ka -Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,
Ngavuka ebusuku , mina nabantu abathile abayingcosana ; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.