Skip to Content

"abazi"

9 occurrences in ZUL

IzAga 4:19

Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.

NgokukaLuka 20:7

Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona.

U-Ezra 7:25

Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula , bonke abazi imithetho ka Nkulunkulu wakho ; nongayaziyo nimfundise.

U-Isaya 44:18

Abazi, abaqondi, ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni , nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.

U-Isaya 44:9

Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke ; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.

U-Isaya 59:8

Indlela yokuthula abayazi , nokwahlulela akukho emikhondweni yabo ; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.

UJobe 24:13

Bakhona abakuhlubukile ukukhanya ; abazi indlela yakho , abanamatheli emikhondweni yakho.

UZefaniya 3:5

UJehova ulungile phakathi kwawo , akenzi okubi ; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni , akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.

UmShumayeli 9:5

Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa , kepha abafileyo abazi lutho , futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.