Skip to Content

"abeza"

10 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:23

Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.

1 iziKronike 19:7

Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseM ahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba . Abantwana bakwa -Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.

2 uSamuweli 15:6

Wenze njalo u-Abisalomu ku bo bonke abakwa -Israyeli abeza enkosini ngamacala; u-Abisalomu weba izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.

IzEnzo 28:30

Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye,

KumaHeberu 7:25

ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.

NgokukaLuka 23:55

Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela , balibona i thuna nokubekwa kwesidumbu sakhe.

NgokukaMathewu 7:15

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

U-Esteri 4:11

Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enk osini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe , ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zi nsuku ezingamashumi amathathu.

UGenesise 46:26

Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe , ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe , bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.

UGenesise 46:27

Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili ; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa. UJakobe uhlangana noJosefa