Skip to Content

"ahambe"

27 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:34

UBeni Hadadi wayesethi kuye : Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. U-Ahabi wathi : Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe. U-Ahabi usolwa ngumprofethi

1 kwabaseKorinte 7:17

Kuphela nje ukuba yilowo nalowo ahambe njengokuba iNkosi imabele , kube yilowo njengokuba uNkulunkulu embizile. Ngiyala kanjalo emabandleni onke.

2 AmaKhosi 17:27

Inkosi yase -Asiriya yayisiyala ngokuthi : Yisani khona omunye wabapristi enibathumbile lapho , ahambe ahlale khona , abafundise umthetho kaNkulunkulu wezwe.

2 uSamuweli 13:27

U-Abisalomu wayicindezela , yaze yavuma ukuba u -Amnoni nawo onke amadodana ahambe naye.

AbAhluleli 19:5

Kwathi ngosuku lwesine bavuka ekuseni kakhulu , wasuka ukuba ahambe ; uyise wentombi wathi kumkhwenyana wakhe : Hlumelela inhliziyo yakho ngocezu lwesinkwa, andukuba nihambe.

AbAhluleli 19:7

Kepha lowo muntu wasukuma nokho ukuba ahambe ; wayesemncengisisa umukhwe wakhe, wabuye walala khona.

AbAhluleli 19:8

Wavuka ekuseni kakhulu ngosuku lwesihlanu ukuba ahambe ; uyise wentombi wathi : Ake uhlumelele inhliziyo yakho , nihlale lize lithambame ilanga. Badla-ke bobabili.

AbAhluleli 19:9

Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.

AmaHubo 81:13

Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:4

Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo.

IzEnzo 11:22

Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema ; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;

IzEnzo 16:3

Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo ; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki.

IzEnzo 3:12

Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?

NgokukaJohane 11:44

Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: Mthukululeni, nimyeke ahambe. Umphakathi unquma ukumbulala uJesu

NgokukaMathewu 18:12

Nithini na ? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu , kuduke enye kuzo , akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?

U-Eksodusi 5:2

Wathi uFaro : Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe , ngimyeke u- Israyeli ukub a ahambe na ? Angimazi uJehova , futhi angiyikumvumela u - Israyeli ukuba ahambe.

UDuteronomi 15:12

Uma umfowenu , umHeberu noma umHeberukazi , ethengiswa kuwe , akukhonze iminyaka eyisithupha , ngomnyaka wesikhombisa uyakumyekela ukuba ahambe.

UDuteronomi 15:13

Nxa umyekela ukuba ahambe, awuyikummukisa ze.

UDuteronomi 15:18

Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa ; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo. Amazibulo ezinkomo

UDuteronomi 21:14

Kepha uma ungathokozi ngaye , womyeka ukuba ahambe , aye lapho ethanda khona ; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali , ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile. Ifa lobuzibulo

UHezekeli 33:15

yena lo mubi abuyise isibambiso , akhokhe ayekuthathile , ahambe ngezimiso zokuphila, angenzi okubi, uyakuphila nokuphila, angafi.

UJeremiya 34:14

Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela , kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuw e, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe , nimdedele, akhululeke kini . Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe.

UJeremiya 40:5

Engakabuyi, yathi: Buyela kuGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani , inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda , uhlale naye p hakathi kwabantu ; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho . Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho , yamvumela ukuba ahambe.

UJobe 9:8

oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle;

UJona 1:3

Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi , wehlela eJopha , wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi ; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo , aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.

UJoshuwa 18:4

Zimiseleni amadoda amathathu izizwe ngezizwe ; ngiyakuwathuma ukuba asuke ahambe ezweni, alilobe njengamafa azo, aze afike kimi.

UmShumayeli 5:15

Njengalokho aphuma esizalweni sikanina , uyakubuye amuke , ahambe ze njengasekufikeni kwakhe , engatholi lutho ngomshikashika wakhe , ahambe nalo esandleni sakhe.