Skip to Content

"akani"

7 occurrences in ZUL

UGenesise 36:27

Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani.

UJoshuwa 22:20

U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa -Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.

UJoshuwa 7:1

Kepha abantwana bakwa -Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u -Akani kaKarmi kaZabidi kaZera , owesizwe sakwaJuda , ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana ba kwa- Israyeli.

UJoshuwa 7:18

Wayisondeza indlu yakhe ngabantu ; u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera , owesizwe sakwaJuda, wathathwa.

UJoshuwa 7:19

UJoshuwa wayesethi ku -Akani: Ndodana yami , ake umnike uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli inkazimulo , uvume kuye , ungitshele okwenzileyo , ungangifihleli.

UJoshuwa 7:20

U-Akani wamphendula uJoshuwa , wathi: Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngenza ukuthi nokuthi.

UJoshuwa 7:24

UJoshuwa nabo bonke abakwa -Israyeli benaye bamthatha u -Akani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide , namadodana akhe , namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini sase-Akori.