Skip to Content

"akhishi"

20 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:39

Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: Bheka, izinceku zakho ziseGati.

1 AmaKhosi 2:40

Wayesesuka uShimeyi, wabophela imbongolo yakhe, waya eGati ku-Akhishi ukuba afune izinceku zakhe ; wahamba uShimeyi, wazibuyisa izinceku zakhe eGati.

1 uSamuweli 21:10

Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule , waya ku-Akhishi inkosi yaseGati.

1 uSamuweli 21:11

Izinceku zika -Akhishi zathi kuye : Lo akasiye uDavide , inkosi yezwe , na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye , besina bethi : USawule ubulele izinkulungwane zakhe , kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi, na?

1 uSamuweli 21:12

UDavide wabeka lawo mazwi enhliziyweni yakhe , wamesaba kakhulu u - Akhishi inkosi yaseGati.

1 uSamuweli 21:14

U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe : Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na?

1 uSamuweli 27:10

U-Akhishi wathi : Ningenelephi namuhla na ? UDavide wathi : Bekuseningizimu kwaJuda , naseningizimu kwamaJerameli , naseningizimu kwamaKheni.

1 uSamuweli 27:12

U-Akhishi wakholwa nguDavide , wathi: Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa -Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.

1 uSamuweli 27:2

Wayesesuka uDavide , wawela, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, waya ku-Akhishi indodana kaMahoki, inkosi yaseGati.

1 uSamuweli 27:3

UDavide wahlala no -Akhishi eGati , yena nabantu bakhe , kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe , uDavide enawomkakhe bobabili , o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili waseKarmeli umkaNabali.

1 uSamuweli 27:5

UDavide wathi ku -Akhishi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho , mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?

1 uSamuweli 27:6

U-Akhishi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube namuhla.

1 uSamuweli 27:9

UDavide walichitha izwe , akashiyanga muntu ephilile , owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu , nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.

1 uSamuweli 28:1

Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no -Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide : Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.

1 uSamuweli 28:2

UDavide wathi ku -Akhishi: Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani. U-Akhishi wathi kuDavide : Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi wekhanda lami kuze kube nini. USawule uya konedlozi e-Eni Dori

1 uSamuweli 29:2

Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane ; uDavide nabantu bakhe badlula emuva kanye no-Akhishi.

1 uSamuweli 29:3

Zase zithi izikhulu zamaFilisti : Ayini lawa maHeberu na ? U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti : Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakw a- Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na ? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.

1 uSamuweli 29:6

U-Akhishi wambiza uDavide , wathi kuye : Kuphila kukaJehova , wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami , ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla ; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.

1 uSamuweli 29:8

UDavide wathi ku -Akhishi: Kepha ngenzeni na ? Ufumeneni encekwini yakho, kusukela osukwini engaba phambi kwakho ngalo kuze kub e namuhla, ukuba ngingayi ukulwa nezitha zenkosi yami, inkosi, na?

1 uSamuweli 29:9

U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami njengengelosi kaNkulunkulu , nokho izikhulu zamaFilisti zishil o ukuthi: Akayikukhuphuka, aye nathi empini.