Skip to Content

"akubangakho"

21 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:20

Kwathi wonke u -Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile , bathuma bambizela emhlanganweni , bambeka inkosi phezu kuka -Israyeli wonke ; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela.

1 AmaKhosi 18:26

Bayithatha inkunzi a bayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi : Bali, siphenduleni; kepha akubangakho zwi , nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase -altare ebelenziwe.

1 AmaKhosi 18:29

Kwathi lapho isidlulil e imini , baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho zwi, nophendulayo, nonakekelayo.

1 AmaKhosi 21:25

Kepha akubangakho onjengo -Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.

2 AmaKhosi 20:13

UHezekiya wabalalela , wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona.

2 AmaKhosi 25:3

Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini , akubangakho kudla kubantu bezwe.

AmaHubo 18:41

Bakhala, kepha akubangakho osindisayo , nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

IsAmbulo 14:3

Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi , naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.

IsiLilo 2:22

Wabiza njengasosukwini lomhlangan o izesabiso zami nxazonke ; akubangakho ngosuku lwentukuthel o kaJehova ow asindayo nowasalayo . Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.

IzAga 1:24

Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;

NgokukaJohane 4:27

Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe ; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: Ufunani na? noma: Ukhulumelani naye na?

NgokukaJohane 7:30

Ngakho baf una ukumbamba , kepha akubangakho owambeka isandla , ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

NgokukaJohane 7:44

Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba ; kepha akubangakho owambeka izandla. Izikhonzi zifuna ukumbamba uJesu

NgokukaJohane 8:20

Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo , ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

U-Esteri 9:2

AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi ukuba babek e izandla kulabo ababefuna ukubalimaza ; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.

U-Isaya 39:2

UHezekiya wathokoza ngabo , wababonisa indlu yen gcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle , nayo yonke indlu yezikhali zakhe , nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.

UDuteronomi 2:36

Kusukela e -Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama ; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;

UDuteronomi 3:4

Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi ; akubangakho muzi esingawuthathanga kubo : imizi engamashumi ayisithupha , sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.

UGenesise 41:8

Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathaz eka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo ; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.

UJeremiya 14:4

Ngenxa yomhlabathi odabukileyo , ngokuba akubangakho mvula ezweni , abalimi banamahloni, bamboza amakhanda abo.

UJeremiya 52:6

Ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.