Skip to Content

"akusalanga"

12 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 11:11

Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu ; bafika phakathi kwekamu ngomlindo wokusa , babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.

2 AmaKhosi 17:18

Ngalokho uJehova wathukuthelela u -Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe ; akusalanga muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.

2 iziKronike 21:17

bakhuphukela ukulwa noJuda , bafohlela kuye , basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe ; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.

2 uSamuweli 13:30

Kwathi besesendleleni, kwafika izwi kuDavide , lithi: U-Abisalomu ubulele onke amadodana enkosi, akusalanga neyodwa yawo.

2 uSamuweli 17:22

UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababe naye , bawela iJordani ; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.

UDaniyeli 10:17

Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na ? Ngokuba mina , khona lapho akusalanga mandla kimi , nokuphefumula bekungasekho kimi.

UDaniyeli 10:8

Ngashiywa ngedwa ; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.

UJobe 20:21

Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.

UJoshuwa 11:11

Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba , babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.

UJoshuwa 11:22

Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa -Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.

UJoshuwa 8:17

Akusalanga muntu e -Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa - Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.

UNumeri 26:65

Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi : Bayakufa nokufa ehlane . Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.