Skip to Content

"akusikho"

34 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 11:20

Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho;

1 kwabaseKorinte 15:46

Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo ; bese kuba ngokomoya.

1 kwabaseKorinte 7:35

Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina ; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo , nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.

1 kwabaseThesalonika 2:3

Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso,

1 uSamuweli 9:20

Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo , ngokuba zitholiwe . Ngokukabani konke oku nxanelekayo kwa - Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?

2 iziKronike 20:17

Akusikho okwenu ukulwa kule mpi ; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema ; ningesabi, ningapheli amandla ; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.

2 iziKronike 26:18

bamelana no -Uziya inkosi , bathi kuye : Akusikho okwakho , Uziya, ukushisela uJehova impepho , kungokwabapristi, amadodana ka -Aroni, abangcweliselwe uku shisa impepho ; phuma endlini engcwele , ngokuba wenze isiphambeko ; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.

2 kwabaseThesalonika 3:2

nokuba sikhululwe kuban tu abadukileyo nababi ; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke.

EkaJakobe 3:15

Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba , kungokwemvelo, kungokwamademoni;

IzAga 31:4

Akusikho okwamakhosi , Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,

IzEnzo 19:27

Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliy into yalutho , nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela , yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.

IzEnzo 1:7

Wathi kubo : Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe;

KumaHeberu 12:11

Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo , kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho. Qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo

KwabaseFilipi 4:11

Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela , ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.

KwabaseFilipi 4:17

Akusikho ukuthi ngifuna isipho , kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina.

KwabaseRoma 2:28

Ngokuba umJuda kakusiye onguye ngokubonwayo, nokusoka akusikho okubonwa enyameni;

KwabaseRoma 5:11

kepha akusikho lokho kuphela , kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana. Isono nokufa kwafika ngo-Adamu

KwabaseRoma 5:3

Kepha akusikho lokho kuphela , kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela,

KwabaseRoma 7:15

Ngokuba engikwenzayo angikuqondi ; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo.

KwabaseRoma 8:23

akusikho lokho kuphela , kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu , silindele isimo sobuntwana , ukukhululwa komzimba wethu.

KwabaseRoma 9:6

Akusikho okungathi izwi likaNkulunkulu liphuthile . Ngokuba asibo bonke abavela ku-Israyeli abangabakwa-Israyeli;

NgokukaJohane 11:4

UJesu esekuzwile lokho wathi : Lokhu kugula akusikho okokufa , kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.

NgokukaJohane 6:46

Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba , kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba.

NgokukaMarku 10:40

kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.

NgokukaMathewu 15:11

Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu ; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.

NgokukaMathewu 20:23

Wathi kubo : Yebo, nizakusiphuza isitsha sami , kepha ukuhlala ngakwesokunene sam i nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.

U-Isaya 58:6

Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka ; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?

U-Isaya 58:7

Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho , nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho , nokwembesa ohamba ze , lapho umbonayo , nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?

UGenesise 28:17

Washaywa luvalo , wathi: Yeka ukwesabeka kwale ndawo ! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.

UGenesise 40:8

Bathi kuye : Siphuphe iphupho , akakho ongalichaza . UJosefa wathi kubo : Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na? Ake ningilandise lona.

UJobe 31:3

Akusikho ukubhubha kwabangalungile nengozi kwabenza okubi na?

UJobe 6:13

Akusikho yini ukuthi alukho usizo kimi; ukusindiswa kususwa kimi.

UMika 2:10

Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu ; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

UMika 3:1

Ngathi: Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe , nani zikhulu zendlu yakwa - Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga