Skip to Content

"akwabakho"

18 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 13:22

Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonath ani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.

1 uSamuweli 14:24

Abantu bakwa -Israyeli babecindezelwa ngalolo suku , kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi , ngingakaziphindiseli ezitheni zami. Akwabakho muntu owezwa ukudla.

1 uSamuweli 14:26

Abantu sebengenile ehlathini , bheka, izinyosi zaconsa, kepha akwabakho muntu obeka isandla emlonyeni, ngokuba abantu besaba isifungo.

1 uSamuweli 14:39

Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u -Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami , uyakufa nokufa . Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.

1 uSamuweli 28:20

USawule wayesewela phan si ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye , ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.

2 AmaKhosi 4:31

UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo , walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho zwi nakunaka . Ngalokho wabuya ukumhlangabe za, wamtshela ukuthi: Umntwana akavukanga.

2 uSamuweli 14:6

Incekukazi yakho yayinamadodana amabili ; alwa odwa endle , akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.

AmaHubo 69:20

Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami , ngigula kakhulu ; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.

IzEnzo 4:32

Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye ; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe , kodwa bakuhlanganyela konke.

IzEnzo 5:13

Kepha kwabanye akwabakho owayenesibindi sokuzihlanganisa nabo, kepha abantu babebazisa kakhulu;

NgokukaJohane 21:12

UJesu wathi kubo : Wozani nidle . Kepha akwabakho kubafundi o waba nesibindi sokumbuza ngokuthi: Ungubani wena na? Bazi ukuthi yiyo iNkosi.

U-Eksodusi 33:4

Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka , akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe.

UDuteronomi 22:27

ngokuba wayif umana isendle ; noma intombi eyingoduso yakhala , akwabakho muntu wokuyisindisa.

UDuteronomi 32:12

UJehova yedwa wamhola, akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.

UHezekeli 34:6

Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba , akwabakho ozifunayo nozicingayo.

UJoshuwa 10:21

bonke abantu babuyela ekamu kuJoshuwa eMakheda ngokuthula , akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli.

UJoshuwa 11:19

Akwabakho muzi owenza ukuthula nabantwana bakwa-Israyeli ngaphandle kwamaHivi akhileyo eGibeyoni; bayinqoba yonke ngokulwa.

UJoshuwa 8:35

Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose , angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.