Skip to Content

"akwasala"

7 occurrences in ZUL

AbAhluleli 4:16

Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.

AmaHubo 106:11

Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo.

U-Eksodusi 10:15

Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe . Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho ; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.

U-Eksodusi 10:19

UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu ; wona wasusa isikhonyane , wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.

U-Eksodusi 14:28

Amanzi abuyela , asibekela izinqola , nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.

U-Eksodusi 8:31

UJehova wayesenza njengezwi likaMose ; wasusa izibawu kuFaro , nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe; akwasala nesisodwa.

UNumeri 31:49

Izinceku zakho zibale onke amadoda empi asesandleni sethu , akwasala neyodwa yethu.