Skip to Content

"alifungela"

15 occurrences in ZUL

U-Eksodusi 13:5

Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani , nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.

UDuteronomi 11:21

ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona , njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

UDuteronomi 11:9

nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.

UDuteronomi 1:8

Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu ; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.

UDuteronomi 26:3

Uyakuya kumpristi oyakuba khona ngalezo zinsuku , uthi kuye : Ngiyabika namuhla kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uJehova alifungela obaba ukusinika lona.

UDuteronomi 28:11

UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehov a alifungela oyihlo ukukunika lona.

UDuteronomi 30:20

ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , ulilalele izwi lakhe , unamathele kuye , ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.

UDuteronomi 6:10

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga,

UDuteronomi 6:18

Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo

UDuteronomi 6:23

wasikhipha lapho ukuba asingenise ukusinika izwe alifungela obaba.

UDuteronomi 7:13

akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho , nesithelo somhlabathi wakho , namabele akho , newayini lakho , namafutha akho , nenzalo yezink omo zakho , nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.

UDuteronomi 8:1

Yonke imiyalo engikuya la ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.

UGenesise 50:24

Wayesethi uJosefa kubafowabo : Mina sengiyafa , kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela , anikhuphule kuleli zwe , aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

UJoshuwa 5:6

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane , saze saphela isizwe sonke , yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova , afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi.

UNumeri 14:16

Ngokuba uJehova ebengenamandla okungenisa abantu bakhe ezweni alifungela kubo, ngalokho ubabulele ehlane.