"amabutho"
19 occurrences in ZUL
URehobowamu es efikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili , amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.
Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no -Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide : Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.
URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili , amabutho, ukuba balwe no -Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.
Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda , wabeka amakhanda ezweni la kwaJuda, nasemizini yakwa -Efrayimi u -Asa uyise ayithathileyo.
yona yayisithatha masinyane amabutho nezinduna zekhulu, yagijimela kubo; sebebona induna yenkulungwane namabutho bayeka ukumshaya uPawulu.
Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili , yathi: Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa , nabemikhonto abangamakhulu amabili,
Khona amabutho ayesemthatha uPawulu njengokuyalwa kwawo , amyisa e- Antipatheri ebusuku.
Khona amabutho anquma amagoda esikebhe, asidedela sawa.
Kepha amabutho ayehlosa ukubulala iziboshwa , funa ezinye zibaleke ngokuhlamba;
Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe , amembathisa ingubo ebubende;
Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni , athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine , kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo , neyembe futhi . Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.
Ngakho-ke akhuluma odwa, athi: Asingalidabuli, kodwa asilenzele inkatho yokuthi liyakuba ngelikabani , ukuze kugcwaliseke umbhalo othi : Babelana izingubo zami , benzelana inkatho ngesambatho sami . Lokho-ke akwenza amabutho.
Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu , abizela ndawonye ibutho lonke.
Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.
Khona amabutho ombusi ayesemthatha uJesu , amngenisa enqabeni, aqoqela kuye ibutho lonke.
Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi,
inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo , bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,
IHeshiboni liyadazuluka kanye ne -Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakha muluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.
Amabutho akhe afika kanyekanye, alungise indlela ukuba angisukele; amisa nxazonke zetende lami.