Skip to Content

"amadlelo"

13 occurrences in ZUL

2 iziKronike 11:14

Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo , aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,

2 iziKronike 31:19

Namadodana ka -Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo , imizi ngemizi , ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.

AmaHubo 65:12

Amadlelo asehlane ayaconsa; amagquma abhinca injabulo.

AmaHubo 65:13

Amadlelo embethe izimvu , nezigodi zisibekelwe ngamabele ; konke kuyajabula, kuhlabelele.

AmaHubo 83:12

ababethi: Masizithabathele amadlelo kaNkulunkulu.

U-Amose 1:2

Wathi: UJehova uyaduma eseSiyoni , ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.

U-Isaya 49:9

uthi kwababoshiweyo : Phumani, nakwabasebumnyameni: Velani. Bayakuklaba ngasezindleleni, amadlelo abo abe semagqumeni onke.

UJeremiya 23:10

Ngokuba izwe ligcwele iziphingi ; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.

UJoweli 1:19

Ngikhala kuwe Jehova , ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo , nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.

UJoweli 1:20

Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela , ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo udlile amadlelo asehlane.

UJoweli 2:22

Ningesabi, zilwane zasendle , ngokuba amadlelo asehlane ayahluma , nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

UNumeri 35:3

Imizi ayakuhlala kuyo, amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nawempahla yawo, nawezilwane zonke zawo.

UNumeri 35:4

Amadlelo emizi eniyakunika wona amaLevi ayakusuka ogangeni lomuzi izingalo eziyinkulungwane nxazonke.