Skip to Content

"amadodakazi"

71 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 14:49

Amadodana kaSawule ayengoJonathani , no-Ishivi, noMaliki Shuwa ; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa : igama lenkulu lalinguMerabi , igama lencane lalinguMikhali.

1 uSamuweli 30:19

Akwasilala muntu , omncane noma omkhulu , namadodana noma amadodakazi, nempango noma okunye ababezithathele khona ; uDavide wabuyisa konke.

1 uSamuweli 8:13

Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki , nabapheki, nabaphekizinkwa.

2 uSamuweli 13:18

Wayenengubo enemibala , ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo . Leyo nceku yayisimkhiphela phandle , yahluthulela emnyango emva kwakhe.

2 uSamuweli 1:20

Ningakusho eGati , ningakumemezeli ezitaladini zase -Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.

AbAhluleli 11:40

Kwaba yisimiso kwa -Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyad i izinsuku ezine ngomnyaka.

AbAhluleli 12:9

Wayenamadodana angamashumi amathathu ; amadodakazi angamashumi amathathu wawendisa , wathathela amadodana akhe izintombi ezingamashumi amathathu. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa.

AbAhluleli 21:18

Kepha asinakubanika nokho amadodakazi ethu abe ngomkabo , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli babefungile bethi : M akaqalekiswe onika owakwaBenjamini umfazi.

AbAhluleli 21:21

nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona , anophuma ezivinini , nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.

AbAhluleli 21:7

Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi , lokhu sifungile uJehova ukuthi asiyikubanika amadodakazi ethu abe ngomkabo, na?

AbAhluleli 3:6

bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo , banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo. U-Otheniyeli

AmaHubo 45:9

Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabes ifazane bakho abadumileyo ; inkosikazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe igolide lase-Ofiri.

AmaHubo 48:11

Mayijabule intaba yaseSiyoni , kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.

IsiLilo 3:51

Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlung u ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.

U-Eksodusi 21:4

Uma inkosi yaso isinika umfazi , yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe , sona siphume sodwa.

U-Eksodusi 2:20

Wathi kuwo amadodakazi akhe: Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla.

U-Eksodusi 34:16

uthathele amadodana akho amadodakazi abo , amadodakazi abo aye aphinge nawonkulunkulu babo , enze ukuba amadodana akho aye aphinge nawonkulunkulu babo.

U-Ezra 9:12

Ngalokho ninganiki amadodana abo amadodakazi enu , futhi ningathatheli amadodana enu amadod akazi abo, ningafuni ukuthula kwabo nenhlalakahle yabo kuze kube phakade , ukuze nibe namandla , nidle okuhle kwezwe , nilishiye libe yifa labantwana benu kuze kube phakade.

U-Ezra 9:2

Ngokuba bazithathele amadodakazi abo , bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe ; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.

U-Isaya 16:2

Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo , njengamaphuphu ahlakazekileyo , abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.

U-Isaya 3:16

Wathi futhi uJehova: Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa, ehamba elula izintamo , eqhikiza amehlo , ehamba ecokama ekuhambeni kwawo, ekhenceza ngezinyawo zawo,

UGenesise 19:14

Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe , wathi: Sukani niphume kule ndawo , ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi . Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.

UGenesise 19:36

Kanjalo amadodakazi kaLoti omabili akhuleliswa nguyise.

UGenesise 24:13

Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.

UGenesise 27:46

URebeka wayeseth i ku -Isaka: Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi aleli zwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?

UGenesise 28:1

U-Isaka wambiz a uJakobe , wambusisa, wamyala, wathi kuye : Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani.

UGenesise 28:2

Vuka uye ePhadani Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko , uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume.

UGenesise 28:6

U-Esawu ebona ukuthi u -Isaka umbusisile uJakobe , wamthuma ePhadani Aramu ukuyothatha khona umfazi , nokuthi lapho embusisa wamyala wathi : Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani,

UGenesise 28:8

khona u -Esawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni ka-Isaka uyise,

UGenesise 31:26

ULabani wathi kuJakobe : Wenzeni, lokhu unginyenyele , wathatha amadodakazi njengabathunjwa benkemba, na?

UGenesise 31:31

UJakobe waphendula , wathi kuLabani : Ngokuba ngesaba ngithi : Funa ungiqhwage amadodakazi akho.

UGenesise 31:43

ULabani waphendula, wathi kuJakobe: Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami , imihlambi iyimihlambi yami ; konke okubonayo kungokwami ; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?

UGenesise 31:50

Uma uyakuhlupha amadodakazi ami , noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.

UGenesise 34:1

UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe , waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.

UGenesise 34:16

siyakuninika amadodakazi ethu, sizithathele amadodakazi enu, sihlale nani, sibe yisizwe sinye.

UGenesise 34:21

Labo bantu bahlezi ngokuthula nathi ; ngalokho mabahlale ezweni , balihambe, ngokuba bheka , izwe libanzi inxa zombili phambi kwabo ; asizithathele amadodakazi abo abe ngomkethu, sibaphe amadodakazi ethu.

UGenesise 34:9

Ganiselanani nathi , nisiphe amadodakazi enu , nizithathele ama dodakazi ethu.

UGenesise 36:2

U-Esawu wazithathela abafazi kuw o amadodakazi aseKhanani : u-Ada indodakazi ka -Eloni umHeti , no-Oholibama indodakazi ka -Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi,

UGenesise 37:35

Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukudud uzwa, wathi: Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila. Uyise wamlilela-ke.

UGenesise 6:1

Kwathi abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba, bezala amadodakazi,

UGenesise 6:2

amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle , azithathela abafazi kuwo awathandayo.

UGenesise 6:4

Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni , nangasemuva futhi , lapho amad odana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu , awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.

UHezekeli 13:17

Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo,

UHezekeli 14:16

noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , ayengayikophula amadodana noma amadodakazi , ophulwe wona odwa, izwe libe yincithakalo.

UHezekeli 14:18

noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , ayengayikophula amadodana noma amadodakazi , ophulwe wona odwa.

UHezekeli 14:20

noma bebekhona oNowa , noDaniyeli, noJobe phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , bebengayikophula amadodana noma amadodakazi, bophule imiphefumulo yabo kuphela ngokulunga kwabo.

UHezekeli 16:27

Bheka, ngase ngelulela isandla sami kuwe , nganciphisa ukudla owakunqunyelwayo, ngakunikela entandweni yabakuzondayo, amadodakazi amaFilisti, ayenamahloni ngendlela yakho yokukhanuka.

UHezekeli 16:49

Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma ; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo , kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.

UHezekeli 16:57

bungakambulwa ububi bakho , njengasesikhathini sehlazo lamadodakazi ase-Aramu nawo onke amadodakazi amaFilisti alihaqayo, akudumaza nxazonke.

UHezekeli 23:2

Ndodana yomuntu, kwakukhona abesifazane ababili , amadodakazi omfazi munye.

UHezekeli 23:25

Ngiyakubeka kuwe umhawu wami , bakuphathe ngokufutheka , basuse ikhala lakho nezindlebe zakho , abaseleyo bakho bawe ngenkemba ; bayakuthatha amadodana akho amadodakazi akho, abaseleyo bakho badliwe ngumlilo.

UHezekeli 24:21

Yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu , okuhawukelwa ngumphefumulo wenu ; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.

UHezekeli 26:6

Amadodakazi alo asendle ayakubulawa ngenkemba , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 26:8

Uyakubulala amadodakazi akho endle ngenkemba , enze inqaba ngakuwe , akunqwabele iduli, akumisele ihawu.

UHezekeli 32:16

Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso ; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.

UHoseya 4:13

Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki nemipopula nemitherebinte , ngokuba umthunzi wakho muhle ; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.

UHoseya 4:14

Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi , ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.

UJeremiya 29:6

thathani abafazi , nizale amadodana namadodakazi ; thathelani amadodana enu abafazi , nendise amadodakazi enu emadodeni ukuba azale amadodana namadodakazi, nande khona, ninganciphi.

UJeremiya 41:10

U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa , amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa , uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka -Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana k aNethaniya wabathumba , wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.

UJeremiya 9:20

Yebo, zwanini izwi likaJehov a nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe , nifundise amadodakazi enu ukukhala , kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.

UJoshuwa 17:3

Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa ; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.

UJoshuwa 17:6

ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe ; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase.

UNehemiya 10:30

ukuba singabaniki abantu bezwe amadodakazi ethu , singathatheli amadodana ethu amadodakazi abo,

UNehemiya 13:25

Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu , ngathi: Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.

UNehemiya 5:5

Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu , abantwana bethu banjengabantwana babo ; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe ; futhi awakho amandla ezandleni zethu , ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.

UNumeri 26:33

USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela , noHogila, noMilka, noTirisa.

UNumeri 27:1

Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa ; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.

UNumeri 27:7

Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.

UNumeri 36:10

Njengalokho uJehova emyalile uMose , enze njalo -ke amadodakazi kaSelofehadi,

UNumeri 36:11

ngokuba oMahela , noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi.

UNumeri 36:2

zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa -Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho ; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.