Skip to Content

"amafutha"

51 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:11

USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni , ukudla kwabendlu yakhe , namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo ; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.

2 AmaKhosi 4:6

Kwathi izitsha sezigcwele , wathi endodaneni yakhe : Sondeza kimi nesinye isitsha. Kepha yathi kuye: Akusekho sitsha. Amafutha anquma-ke.

2 AmaKhosi 9:6

Yasukuma, yangena endlini; yathela amafutha ekhanda lakhe , yathi kuye: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngikugcobile ube yinkosi yabantu bakaJehova kwa-Israyeli.

2 iziKronike 2:10

Bheka, ngiyakunika izinceku zakho , abagawuli abagawula imithi , amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo , namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali , namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini , namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.

AbAhluleli 9:9

Kepha umnqumo wathi kuyo : Ngiyakuwayeka yini amafutha ami abadunyiswa ngawo onkulunkulu nabantu , ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?

AmaHubo 65:11

Umnyaka uyawuhlob isa ngobumnene bakho , nemikhondo yakho iconsa amafutha.

IsAmbulo 6:6

Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi : Imbenge kakolweni ngodenariyu nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:3

Amafutha akho anephunga elimnandi ; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.

IzAga 27:9

Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo ; bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.

NgokukaLuka 16:6

Wathi: Amabhati ayikhulu amafutha . Wayesethi kuye : Thatha incwadi yakho, usheshe uhlale phansi, ulobe amashumi ayisihlanu.

NgokukaMarku 14:3

Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko , ehlezi ekudleni , kwafika owesifazane ephe the umfuma we -alabaste wamafutha enadi lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.

NgokukaMathewu 25:3

Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha.

NgokukaMathewu 25:4

Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo.

NgokukaMathewu 25:8

Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo : S ipheni amafutha kwawenu , ngokuba izibani zethu ziyacima.

U-Eksodusi 25:6

namafutha okukhanyisa , namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,

U-Eksodusi 27:20

Wobayala abantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

U-Eksodusi 29:7

Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.

U-Eksodusi 30:21

mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi , kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo. Amafutha angcwele okugcoba

U-Eksodusi 30:25

Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.

U-Eksodusi 30:31

Ukhulume kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.

U-Eksodusi 35:8

namafutha okukhanyisa , namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,

U-Eksodusi 37:29

Wawenza amafutha angcwele okugcoba , nempepho enhle yamakha athaphukayo, ngokobungcweti bomthaki.

U-Eksodusi 40:9

Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele.

U-Ezra 7:22

kuze kube ngamatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayikhulu kakolweni , namabhati ayikhulu ewayini , namabhati ayikhulu amafutha , nosawoti ongabaliwe.

U-Isaya 57:9

Waya kuMoloki uphethe amafutha , wawandisa amakha akho ; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.

U-Isaya 61:3

ngenze ukuba abalilayo eSiyon i baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundl eni sokulila , ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulung a nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.

UDuteronomi 28:51

Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho , nezithelo zomhlabathi wakho , uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele , noma iwayini , noma amafutha , noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.

UGenesise 28:18

UJakobe wavuka ekuseni , walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.

UHagayi 2:12

Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe , ethinta ngomphetho wakhe isinkwa , noma ukudla , noma iwayini , noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na ? Abapristi baphendula bathi: Qha.

UHezekeli 16:18

Wathatha izingubo zakho ezifekethisiweyo, wazisibekela, wabeka amafutha ami nempepho yami phambi kwazo.

UHoseya 2:5

Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi : Ngiyakulandela izithandwa zam i ezinginika isinkwa sami namanzi ami , uboya bami bezimvu nefilakisi lami , amafutha ami nokuphuza kwami.

UJobe 21:24

Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha ; umnkantsha wamath ambo akhe umanzi.

UJobe 24:11

Benza amafutha phakathi kwezingange zabahluphi ; banyathela izikhamo zewayini, kepha bayoma.

UJoweli 1:10

Amasimu achithekile , umhlabathi u yalila, ngokuba amabele achithiwe ; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.

ULevitikusi 10:7

Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu. Benza-ke njengezwi likaMose.

ULevitikusi 14:17

Amafutha aseleyo asesandleni sakhe umpristi uyakuwabheca esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala.

ULevitikusi 14:18

Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.

ULevitikusi 14:26

umpristi athele amafutha entendeni yesakhe isandla sokhohlo kasikhombisa;

ULevitikusi 14:28

umpristi athabathe kuwo amafutha asesandleni sakhe, awabhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa , nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, endaweni yegazi lomnikelo wecala;

ULevitikusi 14:29

amafutha aseleyo asesandleni sompristi wowabeka ekhanda loyakuhlanjululwa ukumenzela ukubuyisana phambi kukaJehova.

ULevitikusi 21:10

Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo , kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba , nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,

ULevitikusi 24:2

Yala abantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

ULevitikusi 2:1

Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova , umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,

ULevitikusi 2:15

uthele amafutha kuwo , ubeke inhlaka phezu kwawo ; kungumnikelo wempuphu.

ULevitikusi 2:6

Uwuhlephule izingcezu, uthele amafutha kuzo; kungumnikelo wempuphu.

ULevitikusi 8:10

UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.

ULevitikusi 8:12

Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika -Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.

ULevitikusi 8:30

UMose wayesethatha amafutha okugcoba , negazi elalise -altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe , wangcwelisa u -Aroni nezambatho zakhe , namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.

UZakariya 4:12

Ngathatha ngokwesibili, ngathi kuyo : Ayini lawa magatsha amabili eminqumo aseceleni kwemibhobho emibili y egolide, athululwa ngayo amafutha egolide na?

UmShumayeli 10:1

Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke , abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.

UmShumayeli 9:8

Izingubo zakho mazibe mhlophe ngezikhathi zonke , nekhanda l akho malingasweli amafutha.