"amahhashi"
55 occurrences in ZUL
Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo.
U-Ahabi wathi ku -Obadiya: Hamba ezwe ni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi, izilwane zingabhubhi.
Inkosi yakwa -Israyeli yaphuma , yagenca amahhashi nezinqola , yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.
Yathi kuJehoshafati : Uyakuhamba nami ukulwa neRamoti Gileyadi na ? UJehoshafati wathi enkosini yakwa -Israyeli: Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho, amahhashi ami anjengamahhashi akho.
UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane , nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuwo.
Yaya yathumela kuJehoshafati inkosi yakwaJuda , yathi: Inkosi yakwaMowabi ingihlubukile; ungahamba nami, silwe noMowabi, na? Wathi: Ngiyakwenyuka, mina n jengawe, abantu bami njengabantu bakho , amahhashi ami njengamahhashi akho.
Wathuma kho na amahhashi , nezinqola, nempi enkulu ; bafika ebusuku , bakaka umuzi nxazonke.
U-Elisha wakhuleka , wathi: Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone . UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku , yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.
Enye yezinceku zayo yaphendula yathi: Makuthathwe amahhashi ayisihlanu aseleyo, asele lapha bheka, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esisele lapha, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esesiphelile sithumele, sibone.
Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe ; abathengi benkosi bawamukela ngamadlanzi, yilelo nalelo dlanzi ngentengo yalo.
Bamlethela uSolomoni amahhashi evela eGibithe nasemazweni onke.
UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili ; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola , washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.
Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi , kwaphuma igazi esikhamweni , laze lafika ematomini amahhashi , liqeda amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.
Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe , zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.
Umumo wezimpi zabakhwele amahhashi wawungukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi.
Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivi kelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule ; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.
Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo ; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo.
Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe , ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu , ngenza ukuba ukunuka kwekamu lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu , kepha nokho anibuyelanga kimi , usho uJehova.
Amahhashi ayagijima emadwaleni , kulinywa elwandle ngezinkabi , na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu , nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,
AbaseGibithe babaxosha , amahhashi onke , nezinqola zikaFaro , nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni.
Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe , uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo ; kepha abantwana bakwa -Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.
Waloba egameni lenkosi u -Ahashiveroshi, wakunamathelisa ngendandatho yenkosi, wazithuma izincwadi ngesandla sezigijimi zamahhashi , zigibela amahhashi anejubane, amahhashi enkosi akhethekileyo,
Zase ziphuma izigijimi zigibele amahhashi anejubane , amahhashi enkosi , zisheshiswa ziqhutshwa yizwi lenkosi; umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi.
Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
Lapho ebona abamahhashi , amahhashi amabili ngamabili, nezinkweli zezimbongolo, nezinkweli zamakamela , uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.
Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili . Wathatha wathi: Liwile, liwile iBabele , nazo zonke izithombe ezibaziwey o zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.
AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakh e uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye.
Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami , inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuzo.
nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe , nakuwo amahhashi abo , nakuzo izinqola zabo , nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo , nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla,
Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe , ukuze andise amahhashi , ngokuba uJehova ushilo kini , wathi: Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.
Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho , bese wubona amahhashi , nezinqola, nabantu abaningi kunawe , ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.
Amahhashi aso anejubane kunezingwe , anonya kunezimpisi zakusihlwa ; abamahhashi baso bayaqinisela; yebo, bavela kude abamahhashi baso , bandiza njengokhozi oluphuthuma ukudla.
UJehova uyathukuthelela imifula na ? Ulaka lwakho luvuthela imifula , nentukuthelo yakho ulwandle , lokhu ukhwele amahhashi akho , nezinqola zakho zokunqoba, na?
Kepha wahlubuka kuyo ngokuthuma izithunywa zakhe eGibithe ukuba aphiwe amahhashi nabantu abaningi . Uyakuphumelela, uyakubaleka yini owenzayo lokho, uyakusaphula isivumelwano, aphunyuke, na?
Wakhanukela abase -Asiriya, izinduna nababusi , abakhelwane, ababembethe kahle kakhulu , beyizinkweli ezikhwele amahhashi , zonke ziyizinsizwa ezinxanelekayo.
abaseBabele, nawo onke amaKaledi , iPhekodi, neShowa, neKhowa, nabo bonke abase -Asiriya kanye nabo , izinsizwa ezinxanelekayo , izinduna, nababusi, nabakhulu, nezikhulu, nabadumileyo, bonke bekhwele amahhashi.
ababembethe okuluhlaza , izinduna nababusi , izinsizwa ezinxanelekayo zonke, izinkweli ezikhwele amahhashi.
Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho , wena nabantu abaningi kanye nawe , bonke bekhwele amahhashi , iviyo elikhulu nempi enamandla,
ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho , ngikukhiphe kanye nayo yonke impi yakho , amahhashi nabamahhashi, bonke bembethe kahle kakhulu , iviyo elikhulu elinamahawu nezihlangu , bonke bephethe izinkemba,
I-Asiriya aliyikusisindisa , asisayikukhwela amahhashi , singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu , ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.
Bophelani amahhashi, nikhwele nina bamahhashi, nisuke nime ninezigqoko zempi, niphucuze imikhonto, nembathe amabhantshi ensimbi.
Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!
Babamba umnsalo nomkhonto ; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bakhwele amahhashi , behleliwe njengabantu abayakulwa , behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.
Lapho indizela phezulu, ihleka amahhashi nabagibeli bawo.
UJehova wathi kuJoshuwa : Ungesabi ngenxa yabo , ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka -Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.
UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova : wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.
Kuyakuthi ngal olo suku , usho uJehova , nginqume amahhashi akho phakathi kwakho, ngichithe izinqola zakho,
Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
Ngalolo suku, usho uJehova, ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya ; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.
Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini , nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.
Enqoleni yokuqala kwakukhona amahhashi abomvu , nasenqoleni yesibili amahhashi amnyama,
nasenqoleni yesithathu amahhashi amhlophe, nasenqoleni yesine amahhashi anala alufipha.
Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi , nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.