Skip to Content

"amantombazana"

8 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 9:11

Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: Umboni ukhona na?

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:9

Kepha ijuba lami , opheleleyo wami munye nje ; ungoyedwa kunina , ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayamb ona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa. Abangane:

U-Eksodusi 1:22

UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke , ethi: Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.

U-Eksodusi 2:5

Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni ; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula ; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda.

UJobe 41:5

Ungadlala naye njengenyoni, umbophele amantombazana akho, na?

UNumeri 31:18

Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo , nizisindisele wona.

URuthe 2:23

Wayesenamathela-ke kuwo amantombazana kaBowazi ukukhothoza kwaze kwaba sekugcineni kokuvunwa kwebhali nokukakolweni ; wahlala-ke noninazala.

URuthe 2:8

UBowazi wayesethi kuRuthe : Angithi uyezwa, ndodakazi yami ? Ungayi ukukhothoza kwenye insimu , futhi ungasuki lapha , kepha namathela kuwo amantombazana ami lapha.