Skip to Content

"amaqebelengwane"

12 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 13:10

Wayesethi u -Amnoni kuTamari : Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho. UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.

2 uSamuweli 13:6

Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini : Ake kuze uTamari udadewethu , enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.

2 uSamuweli 13:8

Wayesehamba uTamari , waya endlini ka -Amnoni umnewabo ; wayelele phansi. Wathatha inhlama , wayixova, wenza amaqebelengwane ph ambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane.

U-Eksodusi 12:39

Ngenhlama abaphuma nayo eGibit he benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe , lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga mphako.

UGenesise 18:6

U-Abrahama waphuthuma etendeni kuSara , wathi: Sheshisa, uthathe amaseya amathathu empuphu ecolekileyo , uyixove, wenze amaqebelengwane.

UHezekeli 4:12

Uyakukudla kungathi amaqebelengwane ebhali , uwenze phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.

UJeremiya 44:19

Lapho sesishisela inkosikazi yezulu impepho , siyithululele iminikelo yokuphuzwa, siyenzela amaqebelengwane anesithombe sayo , siyithululelele iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu, na?

UJeremiya 7:18

Abantwana batheza izinkuni , oyise baphemba umlilo , abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane , bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.

UJoshuwa 5:11

Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika , amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku.

ULevitikusi 24:5

Wothabatha impuphu ecolekileyo , upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.

UNumeri 11:8

Abantwana baphuma ukuliqoqa , baligaya ematsheni , noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini , benza ngalo amaqebelengwane ; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha.

UNumeri 6:15

neqoma lesinkwa esingenamvubelo , amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exo vwe namafutha , nemiqathane engenamvub elo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho.