"amasonto"
7 occurrences in ZUL
Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo.
Ngangingadli isinkwa es ithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.
Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko , nokukhawula izono , nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade , nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.
Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo , umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa , lihlale lakhiwe , izitaladi zalo nogange lwalo , amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.
Wozibalela amasonto ayisikhombisa ; kusukela esikhathini oqala ngaso ukubeka isikela ezinhlangeni zamabele woqala ukubala amasonto ayisikhombisa.
Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo , asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.
Kepha uma ezala intombazana , makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe , ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha.