Skip to Content

"amatende"

15 occurrences in ZUL

1 iziKronike 4:41

Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona , bawaqothula kuze kube namuhla , bahlala esikhundleni sabo , ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho.

2 AmaKhosi 23:7

Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova , lapho abesifazane bemelukela khona u-Ashera amatende.

2 AmaKhosi 7:7

Ayesesuka, abaleka kuhwelela , ashiya amatende awo , namahhashi awo , nezimbongolo zawo, nekamu linjengalokhu linjalo, abaleka ukuba asinde.

AmaHubo 83:6

amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli, nakaMowabi nakaHagari,

IzEnzo 18:3

lokhu wayemsebenzi munye nabo , wahlala nabo , basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende.

UDuteronomi 1:33

owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indaw o ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini.

UHabakuki 3:7

Ngibona amatende aseKushani ephansi kosizi, izilenge zezwe lakwaMidiyani ziyathuthumela.

UJeremiya 49:29

Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha , bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo , namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: Luvalo nxazonke.

UJeremiya 4:20

Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa , ngokuba izwe lonke liyachithwa. Amatende ami ayachithwa masinyane , nezilenge zami ngokuphazima kweso.

UJeremiya 6:3

Abelusi bayakufika kuyo benemihlambi yabo , bamise amatende abo ngakuyo nxazonke, baluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.

UJobe 12:6

Amatende abacindezelayo anokuthula ; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.

UJobe 15:34

Ngokuba ibandla laban genaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.

UNumeri 1:52

Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ekamu labo, yilowo nalowo ngasebhaneleni labo, ngamabandla abo.

UNumeri 24:5

Mahle kangaka amatende akho, Jakobe, namatabernakele akho, Israyeli.

UZakariya 12:7

UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala , ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.