"amazolo"
15 occurrences in ZUL
bheka, ngiyakubeka uboya obugundiweyo esibuyeni; uma kukhona amazolo eboyeni bodwa komile emhlabathini wonke , ngiyakwazi ukuthi uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile.
Kwaba njalo, ngokuba wavuka ekuseni ngangomuso, wabucindezela uboya, wakhama amazolo eboyeni, kwagcwala isitsha amanzi.
UGideyoni wathi kuNkulunkulu : Intukuthelo yakho mayingangivutheli , ngizakukhuluma kanye kuphela : Ake ngilinge kanye kuphela ngoboya; makube komile eboyeni bodwa, kube khona amazolo emhlabathini wonke.
Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku , ngokuba kwakomile eboyeni bodwa, kepha emhlabathini wonke kwakukhona amazolo.
Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme ; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi : Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami , juba lami , opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo , nesihluthu sami amaconsi asebusuku.
Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa, namafu aconsa amazolo.
Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca , zasibekela ikamu ; ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.
Esenyukile amazolo akade elele khona , bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.
Kepha abafiley o bakho bayakubuye baphile , izidumbu zabo zivuke . Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini , ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.
U-Israyeli usehlezi e londekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodw a ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.
UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu , namanoni omhlaba , nenala yamabele neyewayini.
Impande yami iyazivulela amanzi ; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;
Kukhona uyise wemvula na? Ngubani owazala amathonsi amazolo na?
Nxa amazolo elala phezu kwekamu ebusuku, imana lawela phezu kwawo.
Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula ; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.