Skip to Content

"amazwe"

13 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 19:11

Bheka, wena uzwile okwenziwe ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?

AmaHubo 105:44

Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu

AmaHubo 49:11

Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane ; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

IzEnzo 19:1

Kwathi u -Apholo eseKorinte , uPawulu wafika e -Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile,

NgokukaMarku 10:29

UJesu wathi : Ngiqinisile ngithi kini : Akukho muntu oshiye indlu , noma abafowabo, noma odadewabo , noma unina , noma uyise , noma abantwana , noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli,

NgokukaMathewu 19:29

Nalowo oshiye izindlu , noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina , noma abantwana, noma amazwe ngenxa yeg ama lami , uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.

U-Isaya 37:11

Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?

UDaniyeli 9:7

Kuwena Nkosi kukhona ukulunga , kepha kithina a mahloni obuso njenganamuhla: kubantu bakwaJuda , nakwabakhileyo eJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude , kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.

UGenesise 10:5

Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo , kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.

UGenesise 41:57

Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele , ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.

UHezekeli 20:15

Yebo, ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngingabangenisi ezweni engangibanike lona , lichichima ubisi nezinyosi , elihle kunawo onke amazwe,

UHezekeli 20:6

Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona , lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.

UJoshuwa 13:2

Leli liyizwe elisasele: amazwe onke amaFilisti nawo onke amaGeshuri,