Skip to Content

"angena"

19 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:13

Lawo madoda amabili , abantu ababi , angena, ahlala phambi kwakhe ; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi. Base bemkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe , wafa.

IzEnzo 19:31

Nabanye bababusi base -Asiya, bengabahlobo bakhe , bathumela kuye , bamncenga ukuba angaze angena esigcawini sokubukela.

NgokukaJohane 18:1

UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe , waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.

NgokukaLuka 17:27

Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.

NgokukaLuka 18:17

Ngiqinisile ngithi kini : Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunku lu njengomntwana kasoze angena kuwo. Insizwa enothileyo (Math. 19:16; Mark. 10:17)

NgokukaLuka 22:10

Wathi kubo: Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo,

NgokukaLuka 8:33

Aphuma-ke amademoni kuye umuntu , angena ezingu lubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.

NgokukaMarku 10:15

Ngiqinisile ngithi kini : Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.

NgokukaMarku 2:26

ukuthi w angena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu , ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?

NgokukaMathewu 24:38

Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla , bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,

NgokukaMathewu 8:32

Wathi kuwo : Hambani. Ayesephuma, angena ezingulubeni ; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni , waphonseka elwandle , wafela emanzini.

U-Eksodusi 15:19

Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe , uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo ; kepha abantwana bakwa -Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.

UHezekeli 41:6

Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye , engamashumi amathathu ngomumo . Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu.

UHezekeli 44:27

Ngosuku angena ngalo endlini engcwele egcekeni elingaphakathi ukuyokhonza endlini engcwele, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 9:2

Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni , inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.

UJeremiya 17:19

Usho kanje kimi uJehova, uthi: Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda , aphuma ngalo futhi , nasemasangweni onke aseJerusalema,

UJobe 30:14

Angena kungathi ng esikhala esibanzi ; phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.

UJoshuwa 2:3

Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.

UNumeri 8:22

Emva kwalokho amaLevi angena ukwenza umsebenzi wawo etendeni lokuhlangana phambi kuka -Aroni naphambi kwamadodana akhe ; njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo-ke kuwo.