Skip to Content

"angene"

28 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 21:15

Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?

AbAhluleli 15:1

Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi ; wathi: Ngiyakungena kumkami ekamelweni. Kepha uyise kavumanga ukuba angene.

IzEnzo 10:25

Kwathi ukuba angene uPetru , uKorneliyu wamhlangabeza , wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka.

NgokukaJohane 10:9

Mina ngiyisango ; uma umuntu engena ngami , uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.

NgokukaLuka 18:25

Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.

NgokukaLuka 24:26

UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho , aze angene enkazimulweni yakhe na?

NgokukaLuka 8:32

Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni ; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.

NgokukaLuka 8:41

Bheka, kwafika indoda , nguJayiru igama layo , ingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezin yaweni zikaJesu , yamncenga ukuba angene endlini yayo.

NgokukaMarku 10:25

Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 5:18

Wathi ukuba angene emkhunjini , lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye.

NgokukaMathewu 19:24

Futhi ngithi kini : Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.

U-Eksodusi 12:23

Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe ; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili , uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini z enu ukuyobulala.

U-Eksodusi 8:3

umfula uyakuvama amasele ; ayakukhuphuka, angene endlini yakho , nasekamelweni lakho lokulala , naphezu kombhede wakho , nasendlini yezinceku zakho , naphezu kwabantu bakho , nasemaziko akho , nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa.

U-Esteri 2:15

Lapho sesifikile isikhathi sika -Esteri, indodakazi ka -Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho , kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane . U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.

U-Esteri 4:8

Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe , ukuze amtshengise yona u -Esteri, amtshele ngayo , amyale ukuba angene enkosini uk unxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.

U-Isaya 57:2

angene ekuthuleni ; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.

UDaniyeli 11:7

Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omun ye esikhundleni sayo oyakuya empini , angene enqabeni yenkosi yasenyakatho , amelane nabo, ahlule.

UDuteronomi 22:13

Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale,

UGenesise 19:8

Bhekani, nginamadodakazi amabili angayazi ndod a; ake nginiphumisele wona, nenze kuwo njengokufanele emehlweni enu ; kepha kulawa madoda ningenzi lutho, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.

UHezekeli 46:9

Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngen dlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu ; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho ; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo , kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.

UJobe 22:4

Kungokumesaba kwakho akusolayo, angene nawe ekwahlulelweni, na?

UJoshuwa 20:4

Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi , angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.

ULevitikusi 14:36

Umpristi woyala ukuba bakhiphe okuphakathi endlini , engakangeni umpristi ukuyobona isifo , ukuze kungangcoli konke okusendlini , andukuba umpristi angene ukubona indlu.

ULevitikusi 16:26

Ovuma ukuba impongo iye ku -Azazeli uyakuhlanza izingub o zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.

ULevitikusi 16:28

Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi , andukuba angene ekamu.

UNumeri 19:7

Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.

UNumeri 27:17

ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.

UNumeri 5:27

Nxa esemphuzisile amanzi , kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe , amanzi aveza isiqalekiso angene kuye , ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane , owesifazane aqa lekiswe phakathi kwabantu bakubo.