"anisoze"
9 occurrences in ZUL
Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu ; ngokuba uma nenza lokho , anisoze nakhubeka.
Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.
Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.
Bhekani, indlu yenu isisal a inxiwa kini ; kepha ngithi kini : Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi : U busisiwe ozayo egameni leNkosi.
bathi: Uma unguKristu , sitshele. Wathi kubo: Uma nginitshela , anisoze nakholwa;
noma ngibuza, anisoze naphendula.
Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
wathi: Ngiqinisile ngithi kini : Uma ningaphenduki , nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.
Ngokuba ngithi kini : Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.