Skip to Content

"aniyala"

5 occurrences in ZUL

UDuteronomi 4:13

Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze , imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.

UJeremiya 35:18

UJeremiya wathi kuyo indlu yamaRekabi : Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba niwulalele umyalo kaJonadaba uyihlo, nagcina yonke imiyalo yakhe, nenza ngakho konke aniyala ngakho,

UJoshuwa 1:13

Khumbulani izwi aniyala ngalo uMose inceku kaJehova , ethi: U Jehova uNkulunkulu wenu uyakuniphumuza, aninike leli zwe.

UJoshuwa 22:2

wathi kubo: Nigcinile konke uMose inceku kaJehova aniyala ngakho , nalalela izwi lami kukho konke enganiyala ngakho;

UJoshuwa 22:5

Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nihambe kuzo zonke izindlela zakhe , nigcine imiyalo yakhe , ninamathele kuye , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.