Skip to Content

"asezulwini"

6 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 21:10

URispa indodakazi ka -Aya wathatha indwangu yamasaka , wazendlalela yona edwaleni , kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.

NgokukaMarku 13:25

nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini , namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.

UDuteronomi 33:13

NgoJosefa w athi: Izwe lakhe malibusiswe nguJehova ngamagugu asezulwini, nangamazolo, nangotwa olwenabileyo phansi,

UGenesise 7:11

ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kuka Nowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga , ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.

UGenesise 8:2

Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa , imvula yasezulwini yaphela.

UMalaki 3:10

Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu , usho uJehova Sebawoti , uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini , nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.