Skip to Content

"ashidodi"

20 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 5:1

AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu , awususa e-Ebeni Ezeri , awuyisa e-Ashidodi.

1 uSamuweli 5:3

Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova . Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe.

1 uSamuweli 5:5

Ngalokho abapristi bakaDagoni nabo bonke abangena endlini kaDagoni abanyatheli embundwini kaDagoni e-Ashidodi kuze kube namuhla. AmaFilisti ayahlushwa yisandla sikaJehova

1 uSamuweli 5:6

Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase -Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.

1 uSamuweli 5:7

Abantu base -Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo bathi : Umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli awuyikuhlala kithi , ngokuba isandla sakhe silukhuni phezu kwethu naphezu kukaDagoni unkulunkulu wethu.

1 uSamuweli 6:17

Lawa angamathumba egolide amaFilisti awabuyisa abe ngumnikelo wecala kuJehova: elinye ngele -Ashidodi, nelinye ngeleGaza , nelinye ngele - Ashikeloni, nelinye ngeleGati, nelinye ngele-Ekroni;

2 iziKronike 26:6

Waphuma walwa namaFilisti , wadiliza ugange lwaseGati , nogange lwaseJabine, nogange lwase -Ashidodi; wakha imizi kwelase -Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.

U-Amose 1:8

Ngiyakunquma abakhileyo e -Ashidodi, nophethe intonga e -Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e -Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela , isho iNkosi uJehova.

U-Amose 3:9

Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase -Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe , nithi: Buthanani ezintabeni zaseSamariya , nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.

U-Isaya 20:1

Ngomnyaka wokufika kukaTharithani e -Ashidodi, ethunywe nguSarigoni , inkosi yase-Asiriya, walwa ne-Ashidodi, walithatha,

UJeremiya 25:20

nayo yonke ingxubevange yabantu ; onke amakhosi ase -Uzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti e -Ashikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yase-Ashidodi;

UJoshuwa 11:22

Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa -Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.

UJoshuwa 13:3

kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase- Ekroni ngasenyakatho , elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama- Ekroni, nama-Avi,

UJoshuwa 15:46

kusukela e-Ekroni kuze kufike elwandle, yonke eyayiseceleni kwe-Ashidodi nemizana yayo.

UJoshuwa 15:47

I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yal o; iGaza nemizi yalo nemizana yalo , kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.

UNehemiya 13:23

Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base - Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.

UNehemiya 13:24

Abantwana babo bakhuluma ngokwenxenye ngesi-Ashidodi; bengenakukhuluma isiJuda bakhuluma ngolimi lwezizwe ngezizwe.

UNehemiya 4:7

Kepha kwathi oSanibalati , noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,

UZakariya 9:6

E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla ; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.

UZefaniya 2:4

Ngokuba iGaza liyakushiywa, i-Ashikeloni libe yincithakalo ; bayakulixosha i-Ashidodi emini, i-Ekroni lisishulwe.