Skip to Content

"ayikho"

16 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 21:9

Wayesethi umpristi : Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe . Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo. UDavide wathi: Ayikho enjengayo; nginike yona.

AmaHubo 33:16

Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo ; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.

IzAga 23:7

ngokuba unjengozicabangelayo; uthi kuwe : Yidla uphuze , Kepha inhliziyo yakhe ayikho kuwe.

IzAga 7:19

Ngokuba indoda yami ayikho ekhaya; ihambile uhambo olude;

IzEnzo 4:12

Ayikho insindiso ngomunye , ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

KwabaseFilipi 1:20

njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo , kepha ngesibindi sonke , njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami , nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

NgokukaLuka 14:24

Ngokuba ngithi kini : Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami. Abafundi bakaJesu abayibo (Math. 10:37)

NgokukaMarku 12:32

Umbhali wayesethi kuye : Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye , ayikho enye ngaphandle kwayo;

U-Isaya 34:16

Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu , ayikho eyakuswela umngane wayo , ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile , nomoya wakhe okuhlanganisile.

UHezekeli 28:3

bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli , ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;

UJeremiya 12:12

Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlab a kuze kufike komunye , nenyama enokuthula ayikho.

UJeremiya 8:19

Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bam i livela ezweni elikude , lithi: Akakho uJehova eSiyoni na ? Ayikho inkosi yalo kulo na ? Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?

UJeremiya 8:22

Ibhalisamu alikho kwaGileyadi na ? Inyanga ayikho lapho na ? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?

UJobe 32:5

Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

UMika 4:9

Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na ? Ayikho inkosi kuwe , ubhubhile umluleki wakho, lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.

UNumeri 23:23

Ayikho imilingo engamelan a noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sek uyashiwo ngoJakobe nango -Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.