Skip to Content

"ayini"

13 occurrences in ZUL

1 iziKronike 4:32

Imizana yabo yayiyi -Etamu, ne-Ayini, neRimoni, neThokheni, ne-Ashani, imizi eyisihlanu,

1 uSamuweli 29:3

Zase zithi izikhulu zamaFilisti : Ayini lawa maHeberu na ? U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti : Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakw a- Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na ? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.

UJeremiya 23:28

Umprofethi onephupho makalilandise iph upho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso . Amakhoba ayini kukolweni na ? usho uJehova.

UJobe 6:11

Ayini amandla ami ukuba ngingaze ngethembe na? Ukuphela kwami kuyini ukuba ngingaze ngibekezele na?

UJoshuwa 15:32

neLebawoti, neShilehimi, ne-Ayini, neRimoni, yonke imizi ingamashumi amabili nesishiyagalolunye nemizana yayo.

UJoshuwa 19:7

i-Ayini, neRimoni, ne-Etere, ne-Ashani, imizi mine nemizana yayo,

UJoshuwa 21:16

ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.

UJoshuwa 4:21

Wakhuluma kubantwana bakwa -Israyeli, wathi: Nxa abantwana benu beyakubuza oyise ngesikhathi esizayo, bethi: Ayini lawa matshe na?

UJoshuwa 4:6

ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu , kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo , bethi: Ayini lawa matshe kini na?

UNumeri 34:11

umkhawulo wehle eShefamu , uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo , uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga,

UZakariya 4:12

Ngathatha ngokwesibili, ngathi kuyo : Ayini lawa magatsha amabili eminqumo aseceleni kwemibhobho emibili y egolide, athululwa ngayo amafutha egolide na?

UZakariya 4:13

Yangiphendula yathi: Awazi ukuthi ayini? Ngathi: Qha, nkosi.

UZakariya 6:4

Ngase ngithatha, ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: Ayini lana, nkosi?