Skip to Content

"azenzayo"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 16:27

Ezinye izindaba zika -Omri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na?

1 kwabaseKorinte 6:18

Balekelani ubufebe . Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.

2 AmaKhosi 14:15

Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no- Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

2 AmaKhosi 16:19

Ezinye izindaba zika -Ahazi azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 AmaKhosi 17:22

Abantwana bakwa -Israyeli bahamba ezonweni zonke zikaJerobowamu azenzayo, abasukanga kuzo,

2 AmaKhosi 1:18

Ezinye izindaba zika -Ahaziya azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

2 AmaKhosi 21:25

Ezinye izindaba zika -Amoni azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 iziKronike 36:8

Ezinye izindaba zikaJehoyakimi , nezinengiso azenzayo , nokunye okufumaniseke kuye, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa -Israyeli nakwaJuda; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

IzEnzo 10:39

Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini.

IzEnzo 8:6

Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhu lunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo.

NgokukaJohane 2:23

Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini , abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;

NgokukaJohane 6:2

Samlandela isixuku esikhulu , ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.

NgokukaMathewu 21:15

Kepha abapristi abakhulu nababhali , bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide, bacasuka,

UHezekeli 18:24

Kepha lapho olu ngileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.