Skip to Content

"babaleka"

30 occurrences in ZUL

1 iziKronike 10:1

AmaFilisti alwa no -Israyeli; abantu bakwa -Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.

1 iziKronike 10:7

Lapho bonke abantu bakwa -Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile , bashiya imizi yabo , babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

1 iziKronike 11:13

WayenoDavide ePhasi Damimi ; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa , lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali ; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.

1 iziKronike 19:15

Lapho abantwana bakwa -Amoni bebona ukuthi ama -Aramu abalekile , babaleka nabo phambi kuka-Abishayi umfowabo , bangena emzini ; kepha uJowabe waya eJerusalema.

1 uSamuweli 31:1

AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa -Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.

1 uSamuweli 31:7

Lapho abantu bakwa -Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa -Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

1 uSamuweli 4:10

AmaFilisti alwa , u-Israyeli wachithwa , babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.

2 AmaKhosi 14:12

UJuda wahlulwa phambi kuka -Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

2 AmaKhosi 3:24

Sebefike ekamu lika -Israyeli, abakwa-Israyeli basuka bashaya abakwaMowabi, baze babaleka ebusweni babo ; bangena ezweni labo bechitha abakwaMowabi.

2 iziKronike 13:16

Abantwana bakwa -Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda , uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.

2 iziKronike 25:22

UJuda wahlulwa phambi kuka -Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

2 uSamuweli 10:14

Lapho abantwana bakwa -Amoni bebona ukuthi ama -Aramu abalekile , babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wayesebuya kubantwana bakwa-Amoni, weza eJerusalema.

2 uSamuweli 23:11

Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka -Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi , lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba ; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.

2 uSamuweli 4:6

Bangena khona phakathi kwendlu kungathi bayakulanda ukolweni ; bamgwaza esiswini; oRekabi noBahana umfowabo babaleka.

AbAhluleli 8:12

OZeba noSalimuna babaleka , wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.

AmaHubo 68:1

Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; abamzondayo babaleka phambi kwakhe.

NgokukaLuka 8:34

Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo , babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni.

NgokukaMarku 14:50

Bamshiya bonke, babaleka.

NgokukaMarku 16:8

Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthu thumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba. Ukuzibonakalisa kukaJesu emva kokuvuka kwakhe nokukhuphukela kwakhe ezulwini

NgokukaMarku 5:14

Ababezalusa babaleka , baya babika emzini nasemaphandleni ; base beza ukuyobona okwenzekileyo.

NgokukaMathewu 26:56

Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi . Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.

NgokukaMathewu 8:33

Kodwa ababezalusa babaleka , baya emzini , babika konke , nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni.

U-Esteri 6:1

Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini , yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla , zafundwa p hambi kwenkosi.

UDaniyeli 10:7

Mina, Daniyeli, kuphela ngawubona umbono , ngokuba abantu ababe nami abawubonanga umbono , kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu , babaleka ukuba bacashe.

UJeremiya 39:4

Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.

UJeremiya 46:21

Abaqashwa balo phakathi kwalo banjengamathole akhuluphalisiweyo; nabo babuyele emuva, babaleka kanyekanye, abemanga, ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.

UJoshuwa 7:4

Kwase kukhuphukela khona abantu abayizinkulungwane ezintathu , kepha babaleka phambi kwamadoda ase-Ayi.

UJoshuwa 8:15

UJoshuwa nabo bonke abakwa -Israyeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.

UJoshuwa 8:6

Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: Babaleka phambi kwethu njengakuqala, bese sibaleka phambi kwabo;

UNumeri 16:34

Bonke abakwa -Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo , ngokuba bathi: Funa umhlaba usigwinye nathi.