Skip to Content

"babeka"

32 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 10:7

Kwathi incwadi isifikile kubo , bawathatha amadodana enkosi , bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.

2 iziKronike 22:1

Abakhileyo eJerusalema babeka u -Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe , ngokuba iviyo lababefike ekamu nabase -Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.

2 iziKronike 29:23

Base besondeza izimpongo ngenxa yomnikelo wesono phambi kwenkosi nebandla; babeka izandla zabo phezu kwazo;

2 uSamuweli 18:17

Bamthatha u -Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini , babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe ; bonke abakwa -Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.

AbAhluleli 18:21

Baphenduka, bamuka, babeka izingane , nezinkomo, nempahla phambi kwabo.

AmaHubo 11:2

Ngokuba bhekani , ababi bawunsala umnsalo wabo , babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

IzEnzo 13:3

Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa. Ukushumayela kukaPawulu eKhupro

IzEnzo 21:27

Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa , abaJuda base -Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye,

IzEnzo 6:6

babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.

IzEnzo 7:58

bamkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.

IzEnzo 8:17

Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele.

NgokukaLuka 19:35

Base beliletha kuJesu; babeka izingubo zabo phezu kwethole , bamkhwelisa uJesu.

NgokukaLuka 21:4

Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo , kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho. Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu (Math. 24:1; Mark. 13:1)

NgokukaMarku 11:7

Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo.

NgokukaMarku 12:41

Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo , wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.

NgokukaMarku 12:44

ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo , kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho.

NgokukaMarku 6:56

Kwathi nomaphi lapho engena khona , emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini , bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.

NgokukaMathewu 21:7

baletha imbongolo nethole , babeka izingubo zabo phezu kwazo , wahlala phezu kwazo.

NgokukaMathewu 26:50

UJesu wayesethi kuye : Mngane, ubabeleni na? Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba.

NgokukaMathewu 27:66

Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

U-Isaya 53:9

Babeka ithuna layo kanye nababi ; ekufeni yayinabenza okubi , noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.

UDuteronomi 33:10

Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho , no-Israyeli umthetho wakho ; babeka impepho phambi kwamakhala akho , nomnikelo oshiswa wonke e -altare lakho.

UHezekeli 20:28

Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo , bese benikela khona ngemihlatshelo yabo , banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.

UHezekeli 8:17

Wathi kimi: Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na ? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na ? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova , babuye bangicunula . Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo.

UJoshuwa 10:27

Kwathi ngesikhathi sokushona kwe langa uJoshuwa wayala , bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona , babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla. Ukunqotshwa kwemizi ngaseningizimu yaseKhanani

UJoshuwa 9:4

nabo benza ubuqili , bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa , babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo , nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe,

ULevitikusi 10:1

ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo , babeka impepho phezulu , banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.

ULevitikusi 8:14

Waletha nenkunzi yomnikelo wesono ; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono.

ULevitikusi 8:18

Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa ; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.

ULevitikusi 8:22

Waletha nenye inqama , inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.

UNehemiya 3:6

ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya , babeka imishayo yalo , bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

UNumeri 16:18

Base bethatha , kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo , bafaka kuyo umlilo , babeka impepho ngaphezulu , bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni.