Skip to Content

"babeke"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:17

Inkosi yayala , baqopha amatshe amakhulu , amatshe anenani elikhulu , ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.

AbAhluleli 7:5

Wayesebehlisela abantu ngasemanzini ; uJehova wathi kuGideyoni : Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa , kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.

AmaHubo 78:7

babeke ithemba labo kuNkulunkulu , bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.

U-Eksodusi 29:10

Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana ; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi.

U-Eksodusi 29:15

Wothabatha inqama ibe nye ; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenqama.

U-Isaya 5:20

Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle , nokuhle ukuthi kungububi , ababeka ubumnyama bube ngukukhanya , nokukhanya kube ngubumnyama , babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!

UHezekeli 25:4

bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga , ube yifa labo , bamise amakamu abo phakathi kwakho , babeke amakhaya ab o kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.

UHezekeli 26:12

Bayakuphanga imfuyo yakho , bagcugce impahla yakho ethengiswayo , babhidlize izingange zakho , badilize izindlu zakho ezinhle , babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.

UHezekeli 42:13

Wayesethi kimi : Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukanisiweyo mawabe ngamakamelo angcwele, lapho abapristi abaseduze noJehova beyakudla khona okungcwelengcwele , babeke khona okungcwelengcwele , nomnikelo wempuphu , nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, ngokuba indawo ingcwele.

UJeremiya 5:26

Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi , baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu.

UMika 7:16

Abezizwe bayakubona , babe namahloni ngamandla abo onke , babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu.

UNumeri 15:38

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, usho kubo ukuba baze nzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo , futhi ukuba babeke igoda eliluhlaza ensepheni yemiphetho yonke;

UNumeri 4:10

bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi , babeke konke ohlakeni.

UNumeri 4:14

babeke kuyo zonke izinto zalo abakhon za ngazo kulo , imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze -altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi, bafake izinti zalo.

UNumeri 4:7

Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza , babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo.

UNumeri 8:10

ulethe amaLevi phambi kukaJehova ; abantwana bakwa -Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamaLevi,