Skip to Content

"babhali"

7 occurrences in ZUL

NgokukaMathewu 23:13

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu ! Ngokuba aningeni nina , nabangenayo anibavumeli ukungena.

NgokukaMathewu 23:14

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide ! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

NgokukaMathewu 23:15

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye , lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

NgokukaMathewu 23:23

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

NgokukaMathewu 23:25

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha , kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!

NgokukaMathewu 23:27

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

NgokukaMathewu 23:29

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!