Skip to Content

"babuyela"

29 occurrences in ZUL

1 iziKronike 20:3

Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo , wabanquma ngamasaha , nangezibhuqo zensimbi , nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa -Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

2 AmaKhosi 2:18

Babuyela kuye esahlezi eJeriko ; wathi kubo: Angishongo yini kini ukuthi: Ningahambi, na?

2 AmaKhosi 3:27

Yayisithatha izibulo layo ebeliyakubusa esikhundleni sayo , yanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange . Abakwa-Israyeli behlelwa yintukuthelo enkulu, basuka kuyo, babuyela ezweni lakubo.

2 iziKronike 14:15

Bachitha namatende ezinkomo , bamuka nezimvu eziningi namakamela , babuyela eJerusalema.

2 iziKronike 25:10

U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa -Efrayimi ukuba iye ekhaya ; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda , babuyela ekhaya bevutha ulaka.

2 uSamuweli 12:31

Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo , wababeka emasaheni , nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

AbAhluleli 10:5

UJayire wafa, wembelwa eKhamoni. Abakwa-Israyeli babuyela esandleni sezitha zabo

AbAhluleli 20:39

Abantu bakwa -Israyeli babuyela emuva empini ; uBenjamini wayeseqalile ukubulala nokuceka kubantu bakwa -Israyeli kungathi abantu abangamashumi amathathu, ngokuba bathi: Impela babulewe phambi kwethu njengasekulweni kwakuqala.

AbAhluleli 20:48

Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini , bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini , nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo.

AbAhluleli 21:23

Abantwana bakwaBenjamini benze njalo , bazithathela abafazi njeng enani labo kwabasinayo , ababaqhwagayo; bahamba, babuyela efeni labo , bakha imizi, bahlala kuyo.

AbAhluleli 2:19

Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva , bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba ba bakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.

AmaHubo 78:9

Abantu bakwa -Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo , babuyela emuva ngosuku lokulwa.

IzEnzo 14:21

Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi , bezuzile abafundi abaningi , babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya,

IzEnzo 15:33

Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo.

IzEnzo 1:12

Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha.

IzEnzo 21:6

savalelisana, sangena emkhunjini, kepha bona babuyela emakhaya.

IzEnzo 7:39

Kepha obaba abavumanga ukumlalela , kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo,

IzEnzo 8:25

Kuthe sebefakazile , belikhulumile izwi leNkosi , babuyela eJerusalema , bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya. Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya

NgokukaJohane 6:66

Emva kwalo kho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva , ababe besahamba naye.

NgokukaLuka 2:45

Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna.

U-Eksodusi 34:31

UMose wayesebabiza; u-Aroni nazo zonke izinduna zenhlangano babuyela - ke kuye; uMose wayesekhuluma kubo.

U-Ezra 2:1

Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiw e bayiswa eBabele nguNebukadinesari , inkosi yaseBabele , babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

UGenesise 21:32

Base benza isivumelwano eBeri Sheba ; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.

UGenesise 45:15

Wabanga bonke abaf owabo, wakhalela kubo ; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye. Abafowabo bakaJosefa babuyela ekhaya

UJoshuwa 10:21

bonke abantu babuyela ekamu kuJoshuwa eMakheda ngokuthula , akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli.

UJoshuwa 6:14

Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu; benze njalo izinsuku eziyisithupha.

UJoshuwa 8:24

Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e -Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona , bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa , bonke abakwa -Israyeli babuyela e -Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.

UNehemiya 7:6

Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele , babuyela eJerusalema nakwaJuda , kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

UNumeri 33:7

Basuka e-Etamu, babuyela ePhi Hahiroti elingaphambi kweBali Sefoni ; bamisa phambi kweMigidoli.