"badumise"
5 occurrences in ZUL
nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe , ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi , ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Ukuthobela izimiso zabantu ngenxa yeNkosi
UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo , kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe , abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze , babonge, badumise emasangweni ekamu likaJehova,
Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
Lapho abakhi sebebeka isisekelo sethempeli likaJehova , bamisa abapristi begqokile benamacilongo kanye namaLevi , amadodana ka -Asafa, enamasimbali ukuba badumise uJehova njengehlelo likaDavide inkosi yakwa- Israyeli.
Izinhloko zamaLevi nazi : oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.