Skip to Content

"bakhamuluka"

5 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:52

Abantu bakwa -Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka , bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGayi nasemasangweni ase -Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGati nase- Ekroni.

U-Ezra 3:11

Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova , bathi: Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka -Israyeli. Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.

U-Ezra 3:12

Abaningi babapristi namaLevi , nezinhloko zawoyise , abadala ababeyibonile indlu yokuqala , bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu pham bi kwamehlo abo ; abaningi bakhamuluka ngentokozo,

U-Ezra 3:13

ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lok ukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu , ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.

UJoshuwa 6:20

Abantu base bekhamuluka , amacilongo abethwa ; kwathi lapho abantu bezwe ukukhala kwecilongo , abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawela phansi endaweni yalo , abantu benyukela emzini , yilowo nalowo waqonda phambili nje, bawuthatha umuzi.