Skip to Content

"bakhothama"

7 occurrences in ZUL

2 iziKronike 29:29

Sebeqedile ukunikela , inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama , bakhuleka.

2 iziKronike 7:3

Lapho a bantwana bakwa -Israyeli bebona ukwehla komlilo , nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu , bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe , bakhuleka, babonga uJehova , ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.

IzAga 14:19

Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, namashinga ngasemasangweni abalungileyo.

U-Eksodusi 12:27

nithi: Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa -Israyeli mhla ebulala abaseGibithe , ezophula izindlu zethu. Abantu bakhothama, bakhuleka.

UGenesise 33:6

Zase zisondela izincekukazi, zona nabantwana bazo, bakhothama.

UGenesise 33:7

Wasondela noLeya nabantwana bakhe , bakhothama; ngasemuva wafika uJosefa enoRaheli, bakhothama.

UNehemiya 8:6

U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu . Bonke abantu baphendula bathi : Amen, Amen, bephakamisa izandla zabo ; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.