Skip to Content

"bakhuleka"

33 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:33

ngokuba bangishiy ile, bakhuleka ku -Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi , nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa -Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami , nezimiso za mi, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.

1 AmaKhosi 9:9

Bayakuphendula ngokuthi : Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe , banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo , babakhonza; ngalokho uJehova ubehl isele konke lokho okubi. UHiramu uphiwa imizi

1 uSamuweli 1:19

Bavuka ekuseni kakhulu , bakhuleka phambi kukaJehova , babuya, bafika endlini yabo eRama ; u-Elkana wamazi uHana umkakhe , uJehova wamkhumbula.

1 uSamuweli 1:28

ngalokho nami ngimnikele kuJehova ; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova. Bakhuleka kuJehova khona.

2 AmaKhosi 17:16

Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunku lu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabil i, benza no -Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.

2 iziKronike 29:29

Sebeqedile ukunikela , inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama , bakhuleka.

2 iziKronike 29:30

UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni . Badumisa ngokuthokoza , bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.

2 iziKronike 32:20

UHezekiya inkosi no -Isaya umprofethi , indodana ka -Amose, bakhuleka ngenxa yalokho, bakhala ngasezulwini.

2 iziKronike 7:22

Bayakuphendula bathi : Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe , babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.

2 iziKronike 7:3

Lapho a bantwana bakwa -Israyeli bebona ukwehla komlilo , nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu , bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe , bakhuleka, babonga uJehova , ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.

AmaHubo 106:19

Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.

AmaHubo 99:6

OMose no -Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe ; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni l akhe. Bakhuleka kuJehova , yena waphendula.

IsAmbulo 13:4

bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe , bakhuleka nakuso isilo, bethi: Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?

IzEnzo 13:3

Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa. Ukushumayela kukaPawulu eKhupro

IzEnzo 14:23

Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla , bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.

IzEnzo 6:6

babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.

NgokukaLuka 24:52

Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu.

NgokukaMathewu 14:33

Abasemkhunjini bakhuleka kuye , bathi: Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.

NgokukaMathewu 28:17

sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza.

NgokukaMathewu 28:9

Bheka, uJesu wabahlangabeza , wathi: Sanibona. Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.

U-Eksodusi 12:27

nithi: Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa -Israyeli mhla ebulala abaseGibithe , ezophula izindlu zethu. Abantu bakhothama, bakhuleka.

U-Eksodusi 33:10

Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende ; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe.

U-Eksodusi 4:31

Abantu bakholwa -ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo , base bekhothama , bakhuleka.

U-Isaya 2:8

Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe ; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo.

U-Isaya 45:20

Buthanani nize , nisondelane ndawony e nina bakhululekileyo bezizwe ; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi , bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.

UDaniyeli 3:7

Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo , negenkle, nehabhu, nomqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, bonke abantu , nezizwe, nezilimi bawa phansi , bakhuleka esithombeni segolide asimisile yo uNebukadinesari inkosi.

UDuteronomi 29:26

baya bakhonza abanye onkulunkulu , bakhuleka kubo , onkulunkulu abangabaziyo, angabahlukaniselanga bona,

UJeremiya 16:11

Usuyakusho kubo ukuthi : Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile , usho uJehova, balandela aba nye onkulunkulu , babakhonza, bakhuleka kubo , bangishiya, abagcinanga umthetho wami,

UJeremiya 1:16

Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho , bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.

UJeremiya 22:9

Bayakuthi: Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.

UJeremiya 8:2

baweneke elang eni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini , abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho ; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.

UNehemiya 8:6

U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu . Bonke abantu baphendula bathi : Amen, Amen, bephakamisa izandla zabo ; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.

UNehemiya 9:3

Basukuma endaweni yabo , bafunda encwadini yomthetho k aJehova uNkulunkulu wabo inxenye yesine yosuku ; inxenye yesine bavuma izono zabo, bakhuleka kuJehova uNkulunkulu wabo.