Skip to Content

"bakubo"

31 occurrences in ZUL

IzEnzo 6:1

Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda , kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.

U-Eksodusi 30:33

Yilowo nalo wo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.

U-Eksodusi 30:38

Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.

U-Eksodusi 31:14

Gcinani isabatha , ngokuba lingcwele kini ; yilowo nalowo olo nayo uyakubulawa nokubulawa , ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo.

U-Esteri 2:10

Kepha u-Esteri wayengakhulumanga ngabantu bakubo nangezihlobo zakhe , ngokuba uMoridekayi wayeyiyalile ukuba ingakusho.

U-Isaya 13:14

Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu , baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo, babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.

UDuteronomi 32:50

ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo , ubuthelwe kubantu bakini , njengalokho u -Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori , wabuthelwa kubantu bakubo,

UDuteronomi 33:7

Nalokhu wathi ngoJuda : Yizwa, Jehova, izwi likaJuda , umlethe kubantu bakubo; izandla zakho mazimlwele, ube lusizo kwabamelene naye.

UGenesise 17:14

Owesilisa ongasokiwe , engasokwanga enyameni yejwabu lakhe , lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo , ngokuba waphulile isivumelwano sami.

ULevitikusi 17:10

Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.

ULevitikusi 17:4

engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele likaJehova , lowo muntu wobalelwa icala legazi ; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 17:9

engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova , lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo. Igazi alinakudliwa

ULevitikusi 18:29

Ngokuba bonke abenza lezo zinengiso , yebo, abazenzayo bayakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 19:8

yilowo na lowo owudlayo uyakuthwala ububi bakhe , ngokuba udumazile okungcwele kukaNkulunkulu; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 20:17

Uma umuntu ethatha udadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe , naye abone ubunqunu bakhe , kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana b abantu bakubo ; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.

ULevitikusi 20:18

Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe , naye wambulile umthombo wegazi lakhe ; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 20:3

Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.

ULevitikusi 20:5

ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe , ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga , beyophinga noMoloki.

ULevitikusi 20:6

Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge , ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimnqume kubantu bakubo.

ULevitikusi 21:1

UJehova wathi kuMose : Khuluma kubapristi , amadodana ka -Aroni, uthi kubo: Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,

ULevitikusi 21:14

Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo , isifebe, laba akayikubathatha , kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.

ULevitikusi 21:4

Akayikuzingcolisa, eyisikhulu phakathi kwabantu bakubo , ukuze azihlambalaze.

ULevitikusi 23:29

Ngokuba yilowo nalowo muntu ongathotshiswa ngalolo suku uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 23:30

Yilowo nalowo muntu owenza um sebenzi othile ngalolo suku , lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabikho kubantu bakubo.

ULevitikusi 7:20

Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe , lowo mu ntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 7:21

Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo , adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 7:25

Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe ngumnikelo womlilo kuJehova , lowo muntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 7:27

Yilowo nalowo odla igazi lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

UNumeri 15:30

Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo , noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi , uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

UNumeri 5:27

Nxa esemphuzisile amanzi , kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe , amanzi aveza isiqalekiso angene kuye , ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane , owesifazane aqa lekiswe phakathi kwabantu bakubo.

UNumeri 9:13

Kepha umuntu ohlambulukileyo , engekho ekuhambeni , oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo , ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo ; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.