Skip to Content

"balowo"

6 occurrences in ZUL

1 kaPetru 2:9

kepha nina niluhlanga olukhethiweyo , ubupristi obobukhosi , isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo , ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni , ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;

IsAmbulo 6:16

base bethi ezintabeni nasemaweni : Welani phezu kwethu , nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu,

NgokukaJohane 18:17

Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru : Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na? Wathi yena: Angisiye.

UDuteronomi 13:15

woshaya nokushaya abantu balowo muzi ngosiko lwen kemba, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo , nezinkomo zawo , ngosiko lwenkemba.

UGenesise 43:14

UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu , ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini ; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.

UGenesise 44:26

Sathi thina : Asinakwehla. Uma umfowethu omncane enathi , siyakwehla, ngokuba asinakubona ubuso balowo muntu , uma umfowethu omncane engenathi.