"bamangala"
36 occurrences in ZUL
Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu , ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.
Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha ; sebevulile babona ukuthi nguye , bamangala.
Bonke bamangala , basambatheka, bathi omunye komunye : Kuthini lokhu na?
Bethuka, bamangala bathi : Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?
Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane , beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;
Kepha bamangala bonke abezwayo , bathi: Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?
Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe ; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: Ufunani na? noma: Ukhulumelani naye na?
Ngakho abaJuda bamangala bathi : Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?
Wakhipha idemoni , laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni , wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala.
Abantu bemlindele uZakariya bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini.
Wabiza isileti, waloba ukuthi. NguJohane igama lakhe. Bamangala bonke.
Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu ; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula. Ukuvuka kwabafileyo (Math. 23:23; Mark. 12:13)
Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi.
Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.
Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.
Bathi bemb ona, bamangala; unina wathi kuye: Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.
Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.
Wayesethi kubo : Kuphi ukukholwa kwenu na ? Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele? Ukukhishwa kwamademoni (Math. 8:28; Mark. 5:1-20)
Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: Pho, kungasindiswa bani na?
UJesu wathi kubo : Nikani uKesari okukaKesari , noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye. Ukuvuka kwabafileyo (Math. 22:23; Luk. 20:27)
Bamangala ngokufundisa kwakhe ; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali. Ukuphulukiswa kweziguli (Math. 8:14; Luk. 4:31)
Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu , bathi: Asizange sikubone okunje.
Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Luk. 8:40)
Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.
Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni . Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na?
Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo.
Bamangala nokumangala , bathi: Wenze kahle konke ; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.
Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni labo , baze bamangala, bathi: Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?
baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma , izilima zisindile , izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona ; bamdumisa uNkulunkulu ka - Israyeli.
Bekubona lokho abafundi bamangala bathi : Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?
Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka. Ukuvuka kwabafileyo (Mark. 12:18; Luk. 20:27)
Kepha abantu bamangala , bathi: Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na? Ukukhishwa kwamademoni (Mark. 5:1; Luk. 8:26)
Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu
Bahlala phambi kwakhe , izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye.
Bonke abakhileyo eziqhingini bamangala ngawe ; amakhosi az o ayaqhakanyeka, aphaphatheke ebusweni.
Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe ; usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade. Isiprofetho ngeSidoni